URONNIE Gabriel, ongumqeqeshi weRichards Bay FC, ukholwa wukuthi umgadli waleli qembu, uYanela Mbuthuma, usazokhula adlondlobale abe ngumdlali ohamba phambili kwiBetway Premiership esikhathini esingengakanani esizayo.
UGabriel ukusho lokhu ngemuva kokuba ezakhe ziphinde zabhekwa yisambane, zihlulwa okwesithupha koweligi imidlalo ilandelana ngokuguqiswa yiSupersport United ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesihlanu.
Lo mphumela usho ukuqhubeka nokushoveleka kweBay emsileni we-log yePremiership njengoba namanje isayibambe endaweni ka-16 ngamaphuzu amahlanu kuphela emidlalweni eyishumi.
“UMbuthuma ungomunye wabadlali abanomoya, abangasheshi ukukhathala. Umthola egijima engena ezikhaleni ezifanele, evunyelwa ngukubaqatha komzimba wakhe. Kule midlalo embalwa yakamuva esiyidlalile ukhombise izinga eliphezulu. Uyakwazi ukugodla ibhola alivikele, agijime angene ezikhaleni, akhe amathuba okushaya amagoli. Nasemabholeni asemoyeni muhle nakhona uyakwazi ukuphakama angqomfe ibhola.
Ngakho uya ngokuya ekhombisa ukuvuthwa, ikakhulukazi njengoba esemncane nje. Ngithi isizini yakhe yesibili (yesithathu) le ekwiPremiership, kodwa uya ngokuya ekhombisa izimpawu zokuvuthwa.
Siyazi ukuthi abagadli bayavuthwa ngenkathi bekhula, yingakho-ke ngimbona edlondlobala ebangumgadli osezingeni eliphezulu kwiligi,” kusho uGabriel.
UMbuthuma (22), odabuka KwaMachi, eHarding, wabonwa yizinhloli zeRichards Bay emqhudelwaneni webhola lama-amesha waminyaka yonke onedumela eThekwini, iKhabba Cup. Usayine kuleli qembu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/2023.
Ngesizini edlule ushaye amagoli amathathu kuyo yonke imiqhudelwano, njengoba kule sizini esashaye amabili emidlalweni engu-9 asayidlalile. Kubhekwe lukhulu emagalelweni akhe njengomunye wabadlali okuthenjelwe kubona ekutakuleni leli qembu kule ndawo embi elikuyona kwi-log.
“Mhlawumbe ngokuqhubeka kwesizini kuzodlula lokhu esibhekene nakho njengamanje, ngakho kufanele siqhubeke sihlalele ethembeni lokuthi oNkulunkulu bebhola ngelinye ilanga bazobheka nangakithi, sinqobe imidlalo.
Ngale kwalokho ngisanethemba elikhulu lokuthi izinto zizogcina zilungile, ngiyabethemba abadlali bami nokuzinikela kwabo.”
I-Natal Rich Boyz izobhekana neLamontville Golden Arrows evuthayo kowabakhaya baseKZN ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.