UMGADLI weBafana Bafana neBurnley FC yase-England, uLyle Foster, ubonga uyanconcoza kuMdali ngokuhlanganisa abazali bakhe ngoba ukholelwa ekutheni kungenxa yohlobo lobudlelwano ababusiswe ngalo, okwenze wagcina ephumelele ukufeza iphupho lokujikeleza umhlaba ngonobhutshuzwayo.
UFoster ungomunye wabagadli baseNingizimu Afrika abalokhu bekhombisa ukudlondlobala.
Ngaphandle kokuba yithemba lamagoli kwiBafana, lo mgadli owazalelwa eSoweto, eminyakeni engu-23 edlule, kubhekwe kuyena nakwiBurnley edlala kwi-English Premier League (EPL).
IBurnley ekhushulelwe kulesi sigaba esikhulu ekupheleni kwesizini edlule, iyiqale kabili iligi ye-EPL kodwa uFoster useshaye amagoli amabili emidlalweni emithathu.
Kusukela uFoster ejoyina izinkulisa ze-Orlando Pirates ngo-2017, usedlalele i-AS Monaco yaseFrance, Cercle Brugge yaseBelgium, Vitoria de Guimaraes yasePortugal neWaterloo yaseBelgium okuyiyona emdayisele iBurnley ebisadlala kwi-EFL Championship ngoJanuwari ka-2023.
UFoster obekhuluma esithangamini nabezindaba ebesihlelwe yiSouth African Football Association (Safa) uthe, konke lokhu kuzungeza kwakhe umhlaba ngenxa kanobhutshuzwayo bekuzogcina kuyiphupho ukube abazali bakhe abanabo lobu budlelwano abanabo.
“Ukuze iphupho lami lifezeke kudingeke ukuthi abazali bami bathathe izinqumo ezinzima kodwa ngoba babusiswe ngalolu hlobo lobudlelwano abanalo, ngilapha ngikhuluma nani ngiwumdlali weBafana,” kusho uFoster enkulumeni ethunyelwe yi-Safa.
“Kusukela ekuqaleni ubaba wayekhona futhi nguyena oyeke konke ukuze ngiphumelele. Ubengeyedwa ngoba nomama ubedlala eyakhe futhi enzima indima ngesikhathi esifanayo.
“Umama uphoqeleke ukuba asebenze ngokuzikhandla khona ubaba ezoyeka emsebenzini abhekane nokuhambisa mina nodadewethu konke lapho bekumele siye khona ngokwezemidlalo.
“Wuhlobo lobudlelwano abanalo kuphela obelungenza lokhu obekufanele kwenzeke. Ngiyabonga kakhulu kuMdali ngokuhlanganisa abazali bami okungenxa yokutholana kwabo, iphupho lami lokudlala emazweni omhlaba libe yimpumelelo,” kuqhuba uFoster.
Uthe namanje kuseyibona abazali bakhe abayizinsika empilweni yakhe yangaphandle nasenkundleni.
“Nanamuhla uma izinto zingahambi kahle ngikuthola kubona okuzongibuyisela emgqeni. Ukungeseka kwabo kusukela ngimncane kuze kube yimanje kungenza ngizizwe ngibakweleta.
“Kungenxa yokuzinikela kwabazali bami njengoba ngikuleli zinga engikulona. Ngiyabonga futhi ngiyaziqhenya ngokubagqamisa ngendlela engenza ngayo eqenjini lami nakwiBafana.
“Isangivumela iminyaka ngakho-ke nophawini wokuphupha ngokunye usekhona. Abazali bami bayohlale beyingxenye yempilo yami. Namanje ngisawezwa amazwi abo bengikhomba ejimini ngisho ngingasathandi,” kuphetha uFoster.