USIHLALO weRoyal AM, u-Andile Mpisane, ubonakale okokuqala enkundleni emdlalweni weDStv Premiership kule sizini ngesikhathi iqembu lakhe lihlula iLamontville Golden Arrows ngoLwesibili ebusuku.
EzikaMpisane zinqobe ngo 1-0 wegoli likaMenzi Masuku alishaye usanda kuqala lo mdlalo obuseHarry Gwala Stadium.
Lo mphathi ungene enkundleni ngomzuzu ka-88 ethatha indawo kaMasuku.
UMpisane, odlala esiswini, uke waphanyeka ama-video ezinkundleni zokuxhumana lapho ebonakala khona ezivocavoca nomqeqeshi oqondene ngqo naye, wanconywa inqwaba yabantu abamlandelayo ngokuncipha emzimbeni ezinyangeni ezedlule.
“Kuyakhuthaza kakhulu, usebenza kanzima uma sizilolonga ngakho-ke kuhle ukumnika amathuba, noma kungaba yimizuzu emihlanu, eyisithupha noma eyishumi. Usesimweni esihle ngokomqondo. Uma ezilolonga neqembu akazithathi njengosihlalo, usebenza njengawo wonke umuntu. Kuhle ukuba naye eqenjini,” kusho umqeqeshi weqembu, uJohn Maduka, okuqale umdlalo enengcindezi ngenxa yokungawini kweqembu.
“Usebenza kanzima futhi uyalithanda ibhola. Uphasa kahle kakhulu kanti kuyabonakala nokuthi ulithinta kamnandi ibhola,” kuqhuba uMaduka.
IThwihli Thwahla iye kulo mdlalo nerekhodi elibi lokuhlulwa kwemine ilandelana; emithathu yeligi nowodwa weCarling Black Label Knockout.
Ibigcine ukucosha amaphuzu ibambana ngo 0-0 neKaizer Chiefs ngoSepthemba 16. Yayigcine ukunqoba iguqisa iChippa United ngo 3-2 ngo-Agasti 30.
“Bekubalulekile kakhulu, besidinga umphumela onje ukuze abadlali baphinde bazethembe. Uma uhlulwa imidlalo eminingi ilandelana liyehla nezinga lokuzethemba. Sikujabulele kakhulu ukubuya namaphuzu aphelele.
“Ngicabanga ukuthi sinqobe kufanele. Kucace zibekwa nje kuthi abafana bebesebenza kanzima. Siyihlaselile i-Arrows, sayifaka ngaphansi kwengcindezi. Ngasekupheleni komdlalo abanye abadlali bethu baqale ukubanjwa ngamajaqamba ngenxa yomsebenzi onzima abawenzile kulo mdlalo obushesha ngendlela eyisimanga.
“Ukushaya igoli umdlalo usanda kuqala kusiqinise idolo. Besingashaya namanye uma ngibheka amathuba esiwatholile, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala, kodwa ngiyaziqhenya ngabafana nangendlela abasebenze ngayo.”
Ngesikhathi izinto zingayihambeli kahle iRoyal AM bekunamahlebezi okuthi leli qembu licabanga ukulanda uClinton Larsen obambe izintambo kwiMagesi FC edlala esigabeni sesibili iMotsepe Foundation Championship. UMaduka akathandanga ukuphawula ngalokho. Uthe abaphathi abangaphendula kangcono
IRoyal AM ihlezi endaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu angu-11 emidlalweni engu-10. Kolandelayo weligi izovakashela iCape Town City, eCape Town Stadium ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku.