UFUNA banakekelwe ngokucophelela abadlali bakuleli abasebancane asebeqalile ukukhombisa amakhono abo, umqeqeshi weqembu lesizwe lika-Under-20, uRaymond Mdaka.
Amajita abuye nendebe yeCosafa ka-Under-20 ngemva kokunqoba kwawo umqhudelwano obuseMozambique, osongwe ngempelasonto edlule.
Iqembu lakuleli liyinqobe yomithathu imidlalo yamaqoqo, liqumba phansi iMalawi, Lesotho neComoros. Kowandulela owamanqamu lidlule kwi-Angola ngo 1-0 ngaphambi kokuguqisa iZambia, ebivikela isicoco ngo 2-0 kowamanqamu.
“Ngijabule kakhulu ngendlela umqhudelwano ohambe ngayo. Ngithanda ukuncoma bonke esibambisene nabo ekulungiseleleni iqembu nabadlali uqobo. Besingeke siphumelele ukuba besingabambisene ngokuphelele,” kusho uMdaka.
“Akulula ukudlala emqhudelwaneni walolu hlobo ngenxa yokuthi usebenzisa isikwati sabadlali abangu-20, okubalwa kubona onozinti abathathu, ekubeni imidlalo ilandelana eduze. Kudingeke ukuthi sibambisane nabahlaziyi, abavocacavoca abadlali nabanye ochwepheshe ukuze konke kuhambe kahle.
“Enkundleni bekungelula ngoba wonke amaqembu aya ngokuya ekhuphula izinga kodwa bonke abantu abawubukile umqhudelwano babheme bakholwa futhi bayazi ukuthi iNingizimu Afrika, iqukethe abadlali abamangalisayo.
“Kusemahlombe ethu sonke esiyingxenye yebhola kuleli ukuqinisekisa ukuthi laba badlali besekwa ngazo zonke izindlela ngoba yibona abayikusasa leqembu lesizwe iBafana Bafana. Bakhona abanye abazoqhamuka endleleni kodwa amaqembu anqoba imiqhudelwano emikhulu yilawa akwaziyo ukugcina abadlali bawo ndawonye kusukela emazingeni aphansi.”
Ngokufinyelela kowamanqamu kwiCosafa, Amajita azibekisele indawo kowe-Africa Cup of Nations, ka-Under-20 ezodlalwa ngonyaka ozayo. Kusazomenyezelwa ukuthi umqhudelwano uzodlalelwa kuphi futhi kuyiphi inyanga.
Amaqembu amane azofinyelela kweyandulela owamanqamu azomela izwekazi i-Afrika, eNdebeni yoMhlaba ka-Under-20 ezoba eChile, ngoSepthemba kuya ku-Okthoba.
UMdaka uthe nakuba kukhona abadlali abefisa ukubasebenzisa kwiCosafa angakwazanga ukubathola, lokho akusho ukuthi ngeke besaphinde babe yingxenye yaleli qembu.
“Leli yiqembu lesizwe ngakho-ke izinguquko zingenzeka noma yinini uma kunesidingo. Siyaqonda ukuthi lo mqhudelano weCosafa ubungaqondene newindi leFifa lemidlalo yamazwe ngamazwe, ngakho-ke bekuzoba yinselelo ukuthola bonke abadlali ebesifisa ukubasebenzisa.
“Okusemqoka wukuthi labo esihambe nabo bawenzile umsebenzi kodwa futhi umnyango awuvaliwe kulaba abangakwazanga ukuhamba nathi. Umdlali onjengo-Asekho Tiwani (weMamelodi Sundowns), usehambe uhambo olude naleli qembu laMajita.
“Sisazobona ukuthi zizohamba kanjani izinhlelo zeqembu ezinyangeni ezizayo uma sesithole ithuba lokuhlangana neTechcinal Director (uWalter Steenbok), kodwa okuhamba phambili wukuthi iNingizimu Afrika ibusisiwe ngabadlali abangayibeka esicongwei eminyakeni ezayo,” kusho uMdaka.