ISIFISO sikamengameli waMaZulu FC, uSandile Zungu, sokuqukula inkomishi yeNedbank Cup sifana nesikhuthazi kubadlali baleli qembu elizokwamukela i-Orlando Pirates emdlalweni we-quarter final yeNedbank Cup ngoMgqibelo ngo-6 ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Lokhu kushiwo izolo kwabezindaba nguBen Motshwari, oyinjini yoSuthu esuka kwiPirates, lapho Usuthu beluqhubeka namalungiselelo okubhekana neBucs ehambela phezulu kulezi zinsuku.
Yize ehlale iminyaka eyisithupha kwiPirates, uMotshwari akayibambele igqubu ngendlela ahlukanise ngayo nayo yingakho lo mdlalo uzobe ufana neminye kuyena.
UMotshwari (33) ungomunye wabadlali abalandwe Usuthu kumasizini adlule ngenhloso yokubumba isikwati ngabadlali asebenokhakhayi oluqinile njengaye kwiDStv Premiership.
Lo mdlali wasesiswini, odabuka eGoli, uveze ukuthi uZungu akabafihleli bengabadlali ukuthi usibhekile lesi sicoco ngakho-ke ingcindezi yokusiwina ikhona futhi inkulu.
“Umengameli akasifihleli ukuthi lesi sicoco usibhekile ngakho-ke umdlalo wethu nePirates umqoka kwazise siya kuwona sikuqonda ukuthi asinawo uphawini wokushaya udaka,” kusho uMotshwari.
Akangabazi lo mdlali ukuthi kufanele bazibambe ziqine njengoba beyobhekana nelinye lamaqembu asefomini kulezi zinsuku kodwa iphutha abangalenza ukunaka abadlali ngabodwana.
“Akekho ongazi ukuthi iPirates yiqembu elithathwa njengelikhulu kuleli nase-Afrika ngakho-ke wonke amanye amaqembu kufanele akulindele ukuthwala kanzima uma ezobhekana nayo.
“Okuzosisiza ukungabanaki abadlali bayo ngabodwana ngoba banaleli khono elingasishiya sididekile uma singangena kulolo gibe.
“Siyakwazi okufanele sikwenze futhi asikho kangako isidingo sokuthi umqeqeshi asikhuthaze ngoba ukubhekana nePirates kuyisikhuthazi kukodwa. Silindele umdlalo onzima kodwa nathi siyazethemba ukuthi singayenzela kube lukhuni iPirates.
“Siyakuqonda okufanele sikwenze kodwa iqiniso limile ekutheni ukhiye wempumelelo ukuhlala kulokhu esikuhlelile, siyihloniphe iPirates kodwa singayesabi.
“Isikhuthazi esikhulu kunazo zonke ekugcineni amazwi kamengameli esitshela ukuthi ukubhekile ukuqukula isicoco seNedbank kule sizini,” kuphetha uMotshwari.
Imidlalo yama-quarterfinal eNedbank Cup:
Namuhla - Ngo-7pm: University of Pretoria v Mamelodi Sundowns (Lucas Moripe)
NgoMgqibelo - Ngo-3pm: Stellenbosch v SuperSport United (Danie Craven).
Ngo-6pm: AmaZulu v Orlando Pirates (Moses Mabhida Stadium).
NgeSonto - Ngo-3pm: TS Galaxy v Chippa United (Mbombela Stadium).