USIHLALO weMamelodi Sundowns, uThlopie Motsepe, ukholwa ukuthi kusekuningi okuhle okusazovela eqenjini labesifazane nakuba lisanda kulahlekelwa yisicoco seWomen's Caf Champions League.
AmaSandawana aqopha umlando ngesikhathi eba yiqembu lokuqala ukunqoba lo mqhudelwano e-Egypt nyakenye. Abebheke ukusivikela eMorocco kule nyanga kodwa athelwa phansi yiqembu lasekhaya, i-AS FAR, ngo-4-0.
“Siyaziqhenya ngalokhu okwenziwe yizintokazi eMorocco emasontweni ambalwa edlule, ziwuqale ngomfutho umqhudelwano zadlala ibhola elihle kakhulu zaze zafinyelela kowamanqamu,” kusho uMotsepe.
“Umdlalo wamanqamu ubunzima, sihlangane neqembu elidlale ibhola elihle ngeshwa sakhubeka esitebhisini sokugcina.
“Noma kunjalo, kumele sikhumbule ukuthi izintokazi zethu zilokhu ziqhubekile nokunyusa izinga lebhola labesifazane eNingizimu Afrika kanjalo neBanyana Banyana.
"Siyaziqhenya ngabakuzuzile. Kubalulekile futhi ukuthi ngiphawule ngokwesekwa kweqembu lethu labesifazane neBanyana. Lokho kukhombisa ukuthi isasasa lomdlalo wabesifazane liyakhula, nokuyinto enhle kakhulu.
“Yize sihluliwe kowamanqamu, kuyasijabulisa ukuthi asehluleki emkhankasweni wethu wokuqhakambisa nokuthuthukisa ibhola labesifazane eNingizimu Afrika nasezwenikazi i-Afrika.”
Okunye uMotsepe aziqhenya ngakho yinkulisa yabesifazane yeSundowns enamaqembu asuka ku-Under 13 kuya ku-Under 20, akholwa wukuthi iqukethe abadlali bakusasa leqembu.
Phezu kwalokho, la maqembu aphekwa ngabesifazane. Iphini lomqeqeshi weqembu elikhulu, u-Agnes Nkosi, ucija elika-Under 20, kuthi u-Andisiwe Mgcoyi noRhoda Mulaudzi babambe izintambo ku-Under 15 no-Under 13 ngokwehlukana.
“Siyethemba ukuthi sizobona izinkulisa eziningi zebhola labesifazane kuleli futhi ezinabaqeqeshi abasezingeni eliphezulu kanye nabaxhasi abaningi. Uma kungenzeka lokhu, singalithuthukisa ibhola labesifazane,” uqhube kanje.
“Asibona abantu ababheka inzuzo yamanje kuphela kodwa siyalicabangela nekusasa.
“Amaqembu ethu ka-Under 13 no-Under 15 aqeqeshwa ngu-Andisiwe noRhoda, okusho ukuthi sinabadlali njengamanje abacabela isizukulwane esizayo indlela.
"Siyaziqhenya ngokuthi sebeqalile ukuthola izitifiketi zabo zokuqeqesha besadlala. Kuyacaca ukuthi ikusasa liqhakazile futhi siyajabula ukuthi ngabesifazane ababambe iqhaza elikhulu eqenjini lethu," uphethe kanje.