ZIQHUBEKILE izimanga kwi-Africa Cup of Nations ngesikhathi osokhaya, i-Ivory Coast, bexetshulwa i-Equatorial Guinea ngesibhaxu sika 4-0 emzuliswaneni wokugcina wamaqoqo kuGroup A e-Alassane Ouattara Stadium ngoMsombuluko ebusuku.
Iqembu elasekhaya lingene kulo mdlalo lifumbethe amaphuzu amathathu elawathola linqoba iGuinea-Bissau emdlalweni owokuvula lo mqhudelwano. Kowesibili labuya lilengise izandla liguqiswa yiNigeria ngo 1-0.
I-Equatorial Guinea iqale umdlalo inamaphuzu amane kulandela ukubambana ngo 1-1 neNigeria nokubhaxabula iGuinea-Bissau ngo 4-2.
Kuyiwe ekhefini sekuvele kumuncu enkundleni ngenxa yokuthi iNzalang Nacional ibisihamba phambili ngegoli elishaywe ngukaputeni wayo, u-Emilio Nsue, ngomzuzu ka-42.
I-Elephants izamile ukuthola igoli lokulinganisa kodwa kwanhlanga zimuka njengoba amafolosi ayo abelibeka eceleni ibhola, livinjwe ngunozinti noma liphikwe yiVideo Assistant Referee (VAR).
Ukuhlasela kweqembu lasekhaya kugcine kulidonsele amanzi ngomsele njengoba livule izikhala emuva, izivakashi zathola igoli lesibili elishaywe nguPablo Ganet ngomzuzu ka-73.
Lithe ibhola lisuka i-Equatorial Guinea yalithola emuva, yahlasela ngokushesha, uNsue wahlohla igoli lakhe lesibili kulo mdlalo, obekungelesihlanu selokhu kuqale lo mqhudelwano.
Isipikilili sokugcina esingcwabe i-Ivory Coast, abalandeli baphuma bechaya izandla, abanye abasala benkemile, kube yigoli elibekwe enethini nguJannick Buyla ngomzuzu ka-88.
Komunye umdlalo kaGroup A obuseFélix Houphouet-Boigny Stadium, iNigeria inqobe iGuinea-Bissau ngo 1-0.
Igoli lokubika kulo mdlalo lingene ngomzuzu ka-36 okube wumkhonto ogwaze ekhaya ka-Opa Sanganté.
Le miphumela isho ukuthi i-Equatorial Guinea iqhwakele kuleli qoqo ngamaphuzu ayisikhombisa. Izodlulela kwiLast 16 neNigeria, nayo enamaphuzu ayisikhombisa.
I-Ivory Coast, enamaphuzu amathathu, isizomincela ukuthi ibe ngelinye lamaqembu amane azoqeda isithathu azodlulela kwiLast 16. Nakuba kunjalo, kodwa izibeke engcupheni ngenxa yokulotsholwa ngenqwaba yamagoli.
IGuinea-Bissau, eqede emsileni ngeqanda, isizobuyela ekhaya iyowasha ijezi.