KULINDELEKE kusiphuke izidindi phakathi kweChelsea, neLiverpool komunye wemidlalo yokuvula isizini ka-2023/24 ye-English Premier League. Phela, womabili amaqembu asayine izibabuli zabadlali.
Ubhekwe ngabomvu umdlalo wakusasa ngo-5.30 ntambama, ozoba eStamford Bridge, eLondon.
Amaqembu aqala isizini nje, kulindeleke lukhulu kuwona ngoba izinto aziwahambelanga kahle ngesizini edlule, ikakhulu iChelsea, abalandeli bayo bafisa ukuyikhohlwa ngokushesha.
IChelsea yehluleka ukuqeda phakathi kwamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu kwi-log yePremier League, yaqeda endaweni ka-10 ingaphansi komqeqeshi omusha uMauricio Pochettino, othathe izintambo zokuqeqesha leli qembu ekuqaleni kukaJulayi.
UPochettino oke waqeqesha amaqembu ambalwa okubalwa iSouthampton, iTottenham Hotspur neParis Saint-Germain (PSG), ubhekene nenselelo yokubuyisa isithunzi seChelsea, ebiyaziwa ngokuzuza izindebe eminyakeni embalwa edlule.
Ngemuva kokukhuculula inqwaba yabadlali abebengekho ezinhlelweni zakhe, emizameni yokuqinisa iqembu ngaphambi kokuqala kwesizini, uPochettino usayinise abadlali abanohlonze okubalwa kubo uChristopher Nkunku, osuka kwiRB Leipzig yaseGermany, uRobert Sanchez osuka kwiBrighton & Hove Albion, no-Axel Disasi osuka kwiMonaco yaseFrance, ukubala abambalwa.
Ngakolunye uhlangothi iLiverpool ehluleke yancama ngesizini edlule ukuzibekisela indawo kwi-Uefa Champions League, iqeda endaweni yesihlanu kwi-log yePremier League, nayo ibalwa namaqembu akwazile ukusayinisa abadlali iziklwibhishi zabadlali.
Phakathi kwabo kubalwa u-Alexis Mac Allister, oyinjini yasesiswini osuka kwiBrighton, noDominik Szoboszlai ongumdlali wasesiswini omandla ngokuhlasela, osuka kwiRB Leipzig.
Ngakho leli qembu elicijwa nguJurgen Klopp, oselinqobele izicoco ezimqoka okubalwa eseChampions League, iPremier League neFA Cup emasizinini edlule, kubhekwe lukhulu kuyena neqembu ekwenzeni izinto zenzeke. Kulindeleke ukuthi balwele ukuzuza izicoco ukuze iqembu libuyele nakwiChampions League ngesizini ezayo.
Imidlalo ye-English Premier League:
Namuhla:
Ngo-1.30pm:
Arsenal v Nottingham Forest (Emirates Stadium)
Ngo-4pm:
Sheffield United v Crystal Palace (Bramall Lane); Bournemouth v West Ham (Vitality Stadium); Brighton v Luton Town (Faimer Stadium); Everton v Fulham (Goodison Park)
Ngo- 6.30pm:
Newcastle United v Aston Villa (St. Jame’s Park)
Kusasa:
Ngo-3pm:
Brentford v Tottenham (Gtech Community Stadium)
Ngo-5.30pm:
Chelsea v Liverpool (Stamford Bridge)