UKUDLALA ngokulingana kuba ngu-1-1 kweReal Madrid neManchester City kowomlenze wokuqala wowandulela owamanqamu e-Uefa Champions League, akungatshazwa ukuthi sekudale isasasa kubalandeli bebhola namaphanta njengoba sewubhekwe ngabomvu owomlenze wesibili, eManchester, ngoLwesithathu.
Ngaphandle komphumela obhekwe ngabomvu kulo mdlalo womlenze wesibili walezi zingqungqulu, okubalwa kukho nokuphenduka kwamatafula okusengenzeka.
Kodwa amangwevu namaqhinga abaqeqeshi balezi zingqungqulu okunguCarlo Ancelotti weMadrid noPep Guardiola weMan City, nakho kubhekiwe kulo mdlalo.
Kuzokhumbuleka ukuthi nangesizini edlule, lezi zingqungqulu zanqwamana kuso lesi sigaba sowandulela owamanqamu lapho khona iMan City yashaya iMadrid ngo-4-3 kowomlenze wokuqala eManchester, nokho okwathi kowomlenze wesibili eMadrid kwaphendula amatafula iMadrid, ivulela isibhaxu sika 3-1.
Sekungumlando ukuthi leli qembu laseSpain labe selibhekana neLiverpool kowamanqamu layiguqisa ngo-1-0, laphakamisa le ndebe okwehlandla lika-14.
Njengamanje, iMan City ngokwezibalo yiyo esethubeni elingcono njengoba zibheke kowomlenze wesibili kwazise ikwazile ukushaya igoli ekuhambeni eMadrid, nosekusho ukuthi uma iMadrid izimisele ngokuphendula amatafula kuzofanele ishaye igoli bese ingangenelwa lutho ukuze izibekisele indawo kowamanqamu.
Okulindeleke kuGuardiola: Le ngqwayingqwayi yomqeqeshi esinqobe izicoco eziningi emaqenjini ehlukene okubalwa ezimbili zeChampions League neBarcelona eminyakeni edlule, nakuba isinqobe ezinye izicoco eziningana neMan City kodwa isabhekene nenselelo yokunqobela isicoco seChampions League ukugcwalisa ubungqwele bayo.
Ngesizini ka-2020/2021, lo mqeqeshi nguyena owayehola iThe Citizens iqunjwa phansi yiChelsea ngo-1-0 kowamanqamu weChampions League.
Njengoba sekubukeka kukuncane kakhulu osekungavimba lo mqeqeshi ekuvikeleni isicoco se-English Premier League neThe Citizens kule sizini esisongwa kodwa inselelo enkulu abhekene nayo nengamenza isilomo esikhulu kubalandeli baleli qembu wukuthi alinqobele isicoco seChampions League okokuqala ngqa emlandweni.
Lokho kuyokwenzeka ngokuthi aqhamuke neqhinga elizokwenza aqede ngeLos Blancos kowomlenze wesibili e-Etihad Stadium, eManchester, ngoLwesithathu, bese ezibekisela indawo kowamanqamu ngokulinda ozonqoba phakathi kwe-Inter Milan ne-AC Milan.
Okulindeleke ku-Ancelotti: Lo makadebona kwezokuqeqesha, nguyena njengamanje osaphethe irekhodi lokunqoba izicoco eziningi zeChampions League ukwedlula abanye abaqeqeshi emlandweni walo mqhudelwano, njengoba esesinqobe amahlandla amane emaqenjini ehlukene.
Le ngwevu yomqeqeshi edabuka e-Italy nesiqeqeshe emaqenjini ehlukene okubalwa kuwo i-AC Milan, iBayern Munich neChelsea, iyinqobe amahlandla amabili iChampions League ne-AC Milan, yaphinda yayinqoba ngamanye amabili neMadrid.
Njengoba sekucacile ukuthi isicoco seSpanish La Liga sesiphunyukile - iBarcelona seyemuke naso - lokhu sekusho ukuthi u-Ancelotti uma esafuna ukuba yisilomo kubalandeli beLos Blancos, kuzofanele nakanjani asinqobe kumnyama kubomvu isicoco seChampions League.
Lokho kuyokwenzeka ngokuthi aqhamuke namaqhinga azokwenza ezakhe zikwazi ukuphendula amatafula emdlalweni womlenze wesibili ngoLwesithathu, eManchester, ukuze zikwazi ukuzibekisela indawo kowamanqamu weChampions League ngoJuni 10, e-Instabul, eTurkey.