Kuzohlangana imihlathi eyazanayo emdlalweni weBafana Bafana neZambia abazodudulana emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nation (Afcon) eqhubekayo e-Ivory Coast.
IBafana neNamibia bakleliswe kuGroup E okukhona kuwona iTunisia neMali. Iqembu lakuleli likhale ngaphansi ngo 2-0 kwiMali emdlalweni wokuvula ngoLwesibili ebusuku.
INamibia iziphungulele umsebenzi ngokwehlula iTunisia ngo 1-0. Imidlalo esibhekiwe manje ngeyesibili kuleli qoqo okuyiyona okungenzeka icacise ngeqembu lokuqala elizodlulela phambili.
NgeSonto ngo-10 ebusuku iBafana izogijimisana neNamibia emdlalweni ozoba se-Amadou Gon Coulibaly Stadium. Kulo mdlalo kuzogadulisana abadlali abazanayo, abayihlikihla ndawonye emaqenjini adlala kwiPremier Soccer League (PSL) eNingizimu Afrika.
Esikwatini seNamibia bayisishiyagalolunye abadlali abadlala eMzansi. Abayisihlanu bagijima emaqenjini eDStv Premiership, abane badlala kwiMotsepe Foundation Championship.
Laba badlali ngunozinti uFloydt Kazapua (Chippa United), Edward Maova (Pretoria Callies), Ananias Gebhardt (Baroka), Ryan Hanamub (AmaZulu), Lubeni Haukongo (Cape Town Spurs), Deon Hotto (Orlando Pirates), Joslin Kamatuka (Maritzburg United), Bethuel Muzeu (Black Leopards) noPeter Shalulile (Mamelodi Sundowns).
Ngaphandle kwalaba badlali kukhona noPetrus Shitembi odlale eMzansi phakathi kuka-2015 no-2017 eyibamba kwi-University of Pretoria, AmaZulu nakwiStellenbosch. Ebhentshini leZambia kukhona uRonnie Kanalelo owayengunozinti weSundowns phakathi kuka-1997 no-2005 ebanga ijezi nenkakha, uJohn Tlale.
Emuva kokuphanyeka amagilavu emgibeni, ubuyile eMzansi esezoba ngumqeqeshi wonozinti kwiMaritzburg ngo-2018 . UKanalelo, osanda kuphothula izifundo zokuqeqesha zeCaf A License, uyiphini lomqeqeshi uCollin Benjamin.
Emdlalweni weBafana neNamibia kuzogijimisana abangani nabadlali abadlala emaqenjini awodwa. Kulaba badlali kukhona uShalulile ongukaputeni weNamibia, ozobhekana nozakwabo kwiSundowns okukhona kubona izitobha, uMothobi Mvala, Khuliso Mudau no Grant Kekana, nonozinti uRonwen Williams ongukaputeni weBafana.
UHotto, oshaye igoli iNamibia enqobe ngalo kwiTunisia, kungenzeka abhekane noNkosinathi Sibisi noThabang Monare ayibamba nabo kwiPirates.
Akubuzwa ukuthi ukwazana kwabadlali kuzowenza ushube umdlalo. Kodwa futhi lokhu kungawenza ube lula umsebenzi wokulungiselela umdlalo nokuthola iqhinga lokudlala kumqeqeshi weBafana, uHugo Broos, obabuka zonke izimpelasonto emidlalweni yePremiership abadlali abawukhiye esikwatini seNamibia. IBafana iyona edinga ukuwina umdlalo noma yikanjani ukuze izibeke ethubeni lokudlulela emzuliswaneni olandelayo. INamibia, iningi ebelizitshela ukuthi izoba yimayini yamaphuzu kuGroup E, ingazibekisela indawo esigabeni esilandelayo uma ingehlula iBafana.