KULINDELWE ibhola elikhangayo emqhudelwaneni i-2024 Africa Cup of Nations (Afcon), e-Ivory Coast, ngoJanuwari 11, ngenxa yeqophelo lamazwe angu-24 azibekisele indawo.
Ngaphandle kokuxaxamiswa ngukuvivela eyokuhlungela iWorld Cup, okunye okuzokwenza i-Afcon ikhange kakhulu, wukuhloba kwamazwe aya kuyo.
Uma kukhulunywa ngokuhloba kwamaqembu azohlangana kulo mqhudelwano, nazi izinto ezimqoka;
*Okokuqala nje, kuzobe kuhlangene wonke amazwe angu-12 aseke awunqoba lo mqhudelwano.
Lawo mazwe (kubakaki yisibalo sezicoco), yi-Egypt (7), Cameroon (5), Ghana (4), Nigeria (3), Ivory Coast (2), Algeria (2), DR Congo (2), Zambia (1), Tunisia (1), Sudan (1), Senegal (1), Ethiopia (1), Morocco (1), Congo (1) neNingizimu Afrika (1).
Ngaphezu kwalokho, azobe ephelele onke awu-16 amazwe akleliswe phezulu ngokweFifa nangokweCaf.
Kukhulunywa nje, alikho izwe elizobe liqala ukudlala kwi-Afcon kanti amazwe anjengeTanzania yize enganamlando otheni kodwa azodonsa amehlo ngenxa yamaqembu awo emiqhudelwaneni yeCaf.
YiMorocco iningi labathandi bomdlalo kanobhutshuzwayo elizobe licuphe ukubona iphinda izimanga ezigile eQatar kweyomhlaba ngoDisemba, iba yizwe lokuqala lase-Afrika ukufinyelela kweyandulela eyamanqamu.
I-Egypt ngeke isale kwabayingozi kwazise iphethe irekhodi lezicoco eziningi kanti ifinyelele kweyamanqamu emibili emiqhudelwano emithathu egcinile.
ITanzania izobe idlala okwesibili kodwa uwonkewonke uzobe eyibuka elindele ukubona ugcabo lweYanga SC neSimba abadlala kahle kwiCaf kulezi zinsuku.
ITunisia izolwela ukulekelela irekhodi layo lokuthi ayikaze iphuthe kulo mqhudelwano amahlandla angu-16 elandelana kusuka ngo-1994.