Qatar (0) 0
Ecuador (2) 2
UMDLALO wokuvula iNdebe yoMhlaba eseQatar uphele sekumuncu enkundleni ngemuva kokuthi iqembu lasekhaya lithelwe phansi yi-Ecuador ngo 2-0.
Lo mdlalo obungowokuqala kuGroup A ububanjelwe e-Al Bayt Stadium.
Amagoli anqobise iTricolors ashaywe ngukaputeni u-Enner Valencia esiwombeni sokuqala.
Umdlalo uqale ngomfutho iqembu lasekhaya lithumela ibhola phambili kodwa kusheshe kwacaca ukuthi lizobhekana nobunzima ngomzuzu wesithathu ngesikhathi uValencia elingqofela phakathi unozinti esephumile epalini.
Nokho lelo goli ligcine lingabalwanga ngemuva kokuthi iVideo Assistant Referee (VAR) iqaphele ukuthi bekukhona umdlali we-Ecuador obesemhlabeni ongafanele.
IMaroons ayifundanga lutho kulokho njengoba iqhubekile nokushiya izikhala enkabeni yenkundla, bezenzela abe-Ecuador abebeyibambe esiswini njengoMoises Caicedo noJhegson Mendez.
Igoli lokuqala kube yiphenathi evalelwe nguValencia ngomzuzu ka-16 ngemuva kokuthi ethelwe phansi ngunozinti uSaad Alsheeb ebhokisini.
UValencia uphinde wayibhakuzisa inethi ngomzuzu ka-33 ngesikhathi elibeka phakathi ngekhanda engamakiwe kulandela ibhola elihle ebeligotshwe ngu-Angel Preciado ngakwesokudla.
Ithuba lokuqala leqembu lasekhaya litholwe ngu-Almoez Ali sekusele amanenjana kuyiwe ekhefini kodwa walingqofela eceleni kwepali esebhekene nonozinti.
Esiwombeni sesibili iQatar ibisidlala kangconywana kodwa izivakashi bezinawo amathuba okushaya amagoli ngenxa yokuthi bebethumela abadlali abaningi phambili.
Nokho alibanga lisangena elinye igoli umdlalo wagcina uphele ngo 2-0. Iqembu lasekhaya lizobheka ukukhuphula amasokisi uma selidudulana neSenegal ngoLwesihlanu kanti i-Ecuador izotholana phezulu neNetherlands ngosuku olufanayo.
Ngaphambi kokuqala komdlalo kube nomcimbi wokuvula lo mqhudelwano obuhanjelwe umholi waseQatar, uSheikh Tamim Al Thani, uyise athatha kuyena isihlalo uSheikh Hamad, umengameli weFifa uGianni Infantino nezinye izicukuthwane.
Yize lo mcimbi ungadonsanga isikhathi eside kodwa abalandeli abebephakathi enkundleni kanye nasezinkundleni zokuxhumana bakhombise ukuwuthakasela.
Kuqalwe ngokuthi kudlalwe izingoma ezaduma emiqhudelwaneni edlule njengeWaka Waka, okuyingoma eyayiqoshelwe iNdebe yoMhlaba eyayibanjelwe kuleli ngo-2010.
Abaculi abadumile bakwamanye amazwe nabakhona eQatar bebesina bededelana enkundleni bephelezelwa yinqwaba yabadansi.
Indlela lo mcimbi ohambe ngayo ikhombise ukuthi yize bekunezinselelo kanye nezinkulumo ezingezinhle ngaphambi kokuthi lo mqhudelwano uqale, umoya uthe ukushintsha njengoba sekuqaliwe ukudlala.