OWAYEYISITOBHA seKaizer Chiefs uTlou “Spanner" Molekwane, , ukhuza abalandeli ngengozi yokumfakela ingcindezi umdlali osemncane uMduduzi Shabalala osephenduke isilomo sabo.
UShabalala, obengukaputeni weChiefs kwiDiski Challenge, wenyuselwe esikimini esikhulu ngokuphelele ngoDisemba eseqeda ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni. Ungomunye wabadlali okulindeleke ukuthi baboshelwe ngumqeqeshi u-Arthur Zwane uma Amakhosi esedudulana ne-Orlando Pirates emdlalweni womkhaya weDStv Premiership ozoba eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
UShabalala, ongaconsi phansi kubalandeli, ushayele iChiefs igoli ngesikhathi yehlulwa yiLamontville Golden Arrows ngo 3-2 ekhaya ngempelasonto edlule.
UMolekwane, owadlala kowomkhaya kabili emuva kokunyuselwa esikimini esikhulu saMakhosi, uthe abalandeli akufanele bamfakele ingcindezi uShabalala ukuthi agile izimanga kowePirates.
"UMdu ngumdlali osezingeni eliphezulu futhi udlala kahle. Angikhumbuli nakowodwa umdlalo engadlali kahle. Kodwa abalandeli akufanele bamfakele ingcindezi. Akufanele bamncome kuze kweqe, balindele izimanga kuyena. Iqiniso wukuthi usemncane, usakhula. Ukulindela izinto ezinkulu kuyena manje, kungayiphazamisa indlela yokukhula kwebhola lakhe," kusho uMolekwane.
"Umdlalo womkhaya ungakwethusa uma ungumdlali osemncane noma uqala ukuwudlala. UMdu uwuhlobo lomdlali obamba ibhola kuchwaze inkundla futhi kuzoba njalo ngoMgqibelo kwazise inkundla izobe igcwele. Akujwayelekile ukuthi iChiefs ithembele kumdlali osuka ezinhlakeni zayo. Kujwayeleke ukuthi ithemba libekwe kwabaqhamuka kwamanye amaqembu. UMdu angakwazi ukusiza iqembu kowabakhaya kodwa akufanele afakelwe ingcindezi. Ngadlala imidlalo yomkhaya emibili. Wumdlalo okhethekile. Ungakubeka esicongweni noma uqede ngawe."
Ugazi lukaShabalala lukhumbuza abaningi izilomo zakudala zaMakhosi okukhona kuzoba uJabu Mahlangu, Emmanuel "Scara" Ngobese, Thabo Mooki nezinye.
IChiefs izobhekana nePirates ibhinjelwa yizinto njengoba iphuma esibhaxwini se-Arrows. Izinto zimapeketwane ekhempini kwazise kukhona abalandeli abangasamdingi uZwane esikhundleni sokuqeqesha iChiefs. Kowe-Arrows, uZwane uphume esegadwe amaphoyisa. Ngalokunye uhlangothi iPirates izofika eFNB ihambela phezulu kulandela ukucosha amaphuzu agcwele kwiMaritzburg United. La maqembu aselwela ukugcina indawo kwiTop 8 nokungena emiqhudelwaneni yeCaf njengoba iMamelodi Sundowns ivule elikhulu igebe esicongweni seDStv Premiership. Umdlalo womzuliswano wokuqala wanqotshwa iChiefs ngo 2-1.
"Uma iChiefs ingawina ngoMgqibelo, abalandeli bazoyixolela zonke izono zayo. Ngeke besakunaka okwenzeke emidlalweni edlule. Ngokwami iChiefs inabadlali abasezingeni eliphezulu futhi idlala kahle. Okuphazamisayo ngamaphutha enziwa ngabadlali agcina elicekele phansi iqembu. Ngiyakholwa wukuthi ngoMgqibelo bazokwenza umsebenzi, bajabulise abalandeli,“ kusho uMolekwane.