UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, uzishaya isifuba ngokujubalala kwaMakhosi aye eVenezuela okuyilapho ebuye khona no-Edson Castillo, okhombisa izimpawu zokuba yisitswebhu senjini.
UCastillo kungenzeka ukuthi uzifake nasezinhliziyweni zabalandeli baMakhosi njengoba kunguyena oshaye igoli elibawezile bebhekene neCape Town City kowama-quarterfinal eMTN8.
Amakhosi adlule ngo 2-1 ekugcineni kulo mdlalo obuse-Athlone Stadium ngeSonto eledlule eKapa.
Ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba, uNtseki uzwakalise okukhulu ukuzigqaja ngesinqumo seChiefs sokumlandela lo mdlali, wase ethembisa nokuthi kusekuncane lokhu asakuvezile.
“Sithumele izinhloli zeqembu ukuba ziyombukela eduze edlala eVenezuela, okuyilapho zibuye khona nombiko wokuthi uCastillo wuyena umdlali esimdingayo kulokhu esifuna ukukwakha,” kusho uNtseki.
“Besidinga umdlali onengqondo eningi esiswini futhi okuzokuthi uma ekhona kucace. Besidinga umdlali ozofana nenjini yethu ngokwehlukana kwezimo ngokuqhubeka kwemidlalo.
“Kusafanele ajwayele iqembu lakhe elisha nezwe elisha asehlala kulona. Cabanga njengoba evutha ngale ndlela kusewumdlalo wakhe wesithathu, ukuthi uzobe enjani uma esejwayele?
“Simtholile umdlali ebesimfuna kulokhu. Sizishaya isifuba ngokumhambela amazwe ngoba bekufanele simthole.
“Usazojwayela ngisho indlela izitha ezimdlalisa ngayo, ngakho-ke asimnike ithuba elanele ukuthi akujwayele konke okumzungezile.
“Kuningi okusafanele sikwenze naye ngezinto ezithinta ukuba qatha kwakhe ngendlela edingekayo kwiPSL (Premier Soccer League),” kusho uNtseki.
Lo mqeqeshi kubhekwe ukuthi aqhubeke nokubophela isethenjwa sakhe esisha ngeSonto, emdlalweni weDStv Premiership neTS Galaxy, eMbombela Stadium, eNelspruit.
I-Chiefs ayikanqobi kweyeligi. Ivule ngokubambana ngo 0-0 neChippa United, yahlulwa yiMamelodi Sundowns ngo 2-1.