USWELE amaphiko umqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, emva kokubizwa kwabadlali bakhe abahlanu emaqenjini esizwe ahlukene njengoba kuqhubeka imidlalo yamazwe.
UNtseki osanda kuba sematheni ngenkulumo yomqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, lapho athi iChiefs akakaboni abadlali bayo befanelwe yiqembu lesizwe (iBafana).
Ngesikhathi kusanda kuqala isizini, utshele abezindaba ukuthi ukubizwa kwabadlali bakhe kuyizinkomba zokuthi kukhona okukhulu abakuphekayo eNaturena.
KwabeChiefs ababizelwe kwawesizwe, u-Edson Castillo, ozobe edlalela iVenezuela ibhekene neBrazil neChile namuhla nagoLwesithathu, ngokwahlukana, kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
UCastillo ubizelwa kuleli qembu lesizwe nje, okokuqala kusukela ejoyine iChiefs kwazise ijezi leqembu lesizwe waligcina kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ebiseQatar ngo-2022.
“Iyasithobisa eyokubizwa kukaCastillo ngoba isho lukhulu ngeChiefs okuyiqembu alidlalelayo kanjalo neligi esidlala kuyona,” kusho uNtseki emcimbini wokuqhathwa kwe-Last 16 yeCarling Black Label Knockout.
“Kusemqoka nokushayela ihlombe laba abambona bamletha kwiChiefs, afike kuyona wazikhulumela ngakwenza enkundleni. Hhayi ngamagoli kuphela kodwa nangokuba wumholi nje,” kusho uNtseki.
U-Edmilson Dove uzobe edlalela iMozambique kweyobungani ne-Angola neNigeria ngokwahlukana. UThatayaone Ditlhokwe, ubizwe yiBotswana.
KwiBafana ezobhekena neSwatini namuhla okuzolandelwa wumdlalo wasekuhambeni ne-Ivory Coast ngoLwesibili, kukhona, uSibongiseni Mthethwa noMduduzi Mdantsane.
UMdantsane ubekade esale ngaphandle, wase ebizwa ukuzovala isikhala sikaPercy Tua ohoxile kwelesizwe.
“Njengomuntu oke waliqeqesha iqembu lesizwe, ngiyazi ukuthi yini okufanele yenziwe wumdlali neqembu alidlalelayo, ukuze ezothatha iso labaqeqeshi (belesizwe),” kuqhuba lo mqeqeshi.
“Lokhu okwenzekayo kukhulumela nathi siyiqembu, ngokuthi kukhona okuhle esikwenzayo futhi ngokwami singaba sikhulu kunalesi isibalo uma singase siphinde sifake omunye umfutho.
“Kuyasiphoqa ukuthi siqhubeke nokukhiqiza abadlali bamaqembu esizwe ngoba siyiChiefs. Lokhu kuzosiza thina ngokuzayo, ngakho ngijabule ngendlela engingeke ngikwazi ukuyichaza,” kuphetha uNtseki.