ISITOBHA seSekhukhune United, uNyiko Mobbie, sibalula ukulalela njengesizathu okungenzeka kube yisona esenza sibe senyongweni yomqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos.
UMobbie ungomunye wabadlali abangasali esikwatini sikaBroos waseBelgium kusukela ethathe lo msebenzi kuMolefi Ntseki, ngo-2021.
Lo mdlali ukhona naseqenjini leBafana ezozwana amandla neNamibia kusasa ngo-3 ntambama, e-Orlando Stadium ngaphambi kokungcwekisana neDemocratic Republic of Congo (DRC) ngoLwesibili enkundleni efanayo.
UMobbie ubexoxa nethimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa), ebelimumba ngokungasali kwakhe ohlwini lwabadlali ababizwa uBroos okuvamise ukususa imvunge engxenyeni ethile yabalandeli baleli qembu lesizwe.
Ngonyaka odlule, uBroos uze waphoqeleka ukuchaza ukuthi kungani engamshiyi lo mdlali yize kunengxenye yabalandeli embona ingamfanele iBafana. Wabeka ukuthi selokhu aqala ukumqoka akaze amphoxe uma esenkundleni.
“Engingakusho ukuthi kunzima ukudlalela iBafana kodwa okumqoka ukulalela ukuthi umqeqeshi uthini bese wenza lokho ngendlela onamandla okukwenza ngayo,” kusho uMobbie ebuzwa ngemvunge ekhona ngokungasali kwakhe kwiBafana kaBroos.
“Kunzima, ngeke ngiqambe amanga kodwa-ke uma uwumdlali webhola kufanele ugxile kokwenzeka enkundleni nakulokhu umqeqeshi okubophele akutshela kona.
“Ngiyisitobha ngakho-ke ngicabanga ngokuthi lingangeni igoli ngakithi kuqala ngaphambi kokuthi ngikhumbule indaba yokuhlasela. Kungenzeka ukuthi uBroos uyayithanda indlela engikwenza ngayo lokhu ngoba uyangincoma njalo,” kusho lo mdlali.
Ngo-2022 uBroos ngokuthanda kwakhe uMobbie uthe: “Akakaze angiphoxe ngakho-ke ngeke ngivele ngimshiye ngoba kukhona ababona ngenye indlela.”
UMobbie uthe uswele amaphiko ngenxa yenjabulo kwengezwa kwiBafana, ngoPule Mmodi, amazi kudala kwazise bakhule ndawonye.
“Kungijabulise kakhulu ukubizwa kwakhe ngoba futhi naseqenjini lakhe elisha uqale kahle. Ngikhule naye eFree State kangangokuba inkulisa esiqale kuyona ukudlala ibhola eliqoqekile iyafana,” kulandisa lo mdlali.
UMmodi ufakwe endaweni, kaThemba Zwane, ohoxile kwiBafana kulandela ukulimala kwakhe ebusweni bebhekene neKaizer Chiefs kwiMTN 8 ngempelasonto edlule.
Lesi sitobha esisemabhukwini eMamelodi Sundowns kodwa esiyisithenjwa seSekhukhune esibolekiswe kuyona, sithe sinethemba lokuthi bazokwenza kahle kule midlalo emibili ngenxa yomfutho esiwubona kozakwabo ejimini.
“Okuningi sekuyazenzekela ngoba sesijwayelene kanti nabadlali abafikayo siyabazi ngokubhekana nabo okwenza bangasixwayi.
“Okusele ukuthatha imiyalelo yomqeqeshi injengoba injalo bese siyoqedela umsebenzi ngokuzikhandla ngakho konke esinakho enkundleni,” kuphetha uMobbie.