IQEMBU elidle umhlanganiso emqhudelwaneni iDerrick Spencer Soccer Festival, iDVD 11 FC, lihlose ukuyokuphinda lokho kowaseDondotha ngempelasonto.
I-DVD 11 ikhale yemuka nendebe, ijezi noR50 000 emuva kokwehlula iNkwalini FC yaseMelmoth ngo 1-0 kowamanqamu ezinkundleni zemidlalo eziseShowe High, ngoMgqibelo.
INkwalini ithotshwe izinhliziyo ngoR20 000. Kulo mqhudelwano bekududulana amaqembu angu-16 aqhamuka ezindaweni ezahlukene. IDerrick Spencer Soccer Festival iqale ngemidlalo yezikole esongwe ngoLwesihlanu ntambama. Kugcine kunqone iGcwalulwazi High yaseShowe, yakhala yemuka nendebe, ijezi nezinye isinsiza zokudlala ibhola.
Nokho iDVD 11 iyona ethathe izinhliziyo zabalandeli ngenxa yengcwenga yebhola elidla utshani ebilidlala. Leli qembu laseThekwini belihlome nangoSibusiso Khumalo wodumo kwiKaizer Chiefs, Moroka Swallows neSuperSport United.
Umqeqeshi weDVD, uPhilani Mthembu, uthe basuke kwelikaBhanana bezitshelile ukuthi bayowuwina lo mqhudelwano.
"Bekungelula kodwa ngoba bengibethemba abadlali bami ngibatshelile ukuthi lapha sizodlala ibhola. Kusukela ngoLwesine siziqeqesha, ngibatshelile ukuthi lapha sizodlala imidlalo emine ngoba angikaze ngiye emqhudelwaneni ngizitshela ukuthi ngiyodlala umdlalo owodwa.
“Ngiba nalelo themba lokuthi ngiyowina. Ngiyababongela abafana bami, ithimba labaqeqeshi. Ngibonga nosihlalo weqembu uDVD Gwala ngokuseseka kwakhe," kusho uMthembu.
Lo mqeqeshi ukuqinisekisile ukuthi ngempelasonto, bayogasela kwiSiyabonga Sangweni Youth Month Festival edlalelwa eDondotha, eMpangeni.
"Ngesonto elizayo, kukhona omunye umqhudelwano esiya kuwona eDondotha. Nakhona sifuna ukubuya kukhona esikuphethe uma nje abafana bezimisele. Imali yonke abayiwinile namuhla ngeyabo. Thina sifuna indebe kuphela, yikho kade bezimisele kangaka. Bebazi ukuthi basebenzela imali yabo," kusho uMthembu.
IMeya yoMasipala uMlalazi okuyiwona oxhasa IDerrick Spencer Soccer Festival, uQueen Xulu, iwuncome kakhulu lo mqhudelwano.
"Sizinikele ukuthuthukisa izinhlelo zentsha futhi ziningi ezizayo esizihlelile. Lo mqhudelwano ungakwazi ukwakhela abantu bendawo amathuba omsebenzi esikhashana nawesikhathi eside nokuvumbulula ikhono lebhola," kusho uXulu.