UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, useveze imfihlo yokushaya into ecokeme kukaDeon Hotto, osalokhu eqhubekile nokubamba iqhaza elikhulu nokuthwala iqembu nakule sizini.
UHotto (34) oyisiphekepheke somdlali wasophondweni lwesokudla nobuye ayibambe emuva ohlangothini lwesokudla, ngomunye wabadlali abamqoka kuleli qembu.
Lo mdlali odabuka eNamibia, umandla ekugijimeni nasekumakeni, ukhathule indima ebonakalayo ngesikhathi eZimnyama zinqoba izicoco ezintathu zeMTN 8 nezimbili zeNedbank Cup ngaphansi komqeqeshi uRiveiro othathe izintambo ngesizini ka-2022/2023.
Emidlalweni engu-30 uHotto aseyidlalile kule sizini kuyona yonke imiqhudelwano, okubalwa neyishumi yeCaf Champions League, useshaye amagoli ayisithupha waba nesandla kwamanye ayisithupha.
Kusuka ejoyine eZimnyama ngesizini ka-2020/2021 esuka kwiBidvest Wits, ulizwa ngendaba ibhentshi njengoba ehlale esesikimini esiqala imidlalo.
Ngempelasonto edlule, iPirates iguqise iBaroka FC ngo 3-1 koweNedbank Cup Last 16. UHotto ube nesandla egolini lokuqala kwamathathu avalelwe phakathi nguTshegofatso Mabasa.
Ukuba sefomini ngaso sonke isikhathi kwalo mdlali yikho kanye okwenza uRiveiro aphume naye iqhubu.
“Yize sinabo abadlali abanjengaye (eqenjini), kodwa okumenza ehluke kwabanye akukona kuphela ukugijima kwakhe ngokushesha kodwa ukuphinda phinda lokho kugijima kwakhe nokuba nenjini yokugijima imizuzu engu-90 kuyona yonke imidlalo,” kusho uRiveiro.
“Ungumdlali webhola wesigaba esikhokhelayo okwaziyo ukuziphatha ngendlela efanele nozinikele ngokuphelele emsebenzini wakhe. Ngikholwa wukuthi yikho okuzomenza aqhubeke nokudlala isikhathi eside.”
Ifomu kaHotto neyabanye ozakwabo okubalwa kubona uMakhehleni Makhaula, uMabasa, Relebohile Mofokengo noTito Maswanganyi, kubhekeke iqhubeke nasemdlalweni weBetway Premiership neLamontville Golden Arrows, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, namuhla ngo-7.30 ebusuku.