SISHAYELWA ihlombe isinqumo seKaizer Chiefs sokuqoka uCavin Johnson esikhundleni sokuba yinhloko yesikhungo sayo sokuthuthukisa ibhola emazingeni aphansi.
UFloyd Mogale osesebenze isikhathi eside njengomqeqeshi ukuvumbulula nokuthuthukisa ikhono labadlali emazingeni aphansi, uthe ukuqashwa kukaJohnson yiChiefs kuyisinyathelo esihle kakhulu ngenxa yenkindlane yamava alo mqeqeqeshi ekusebenzeni nabadlali abasakhula.
UJohnson osengumakadebona ekuqeqesheni emaqenjini ehlukene ePremier Soccer League (PSL) okubalwa kuwo iPlatinum Stars (engasekho), iSupersport United, iBlack Leopards naMaZulu FC, uke waba nayiphini likaPitso Mosimane esaqeqesha kwi-Al Ahly yase-Egypt.
Ekubuyeni kwakhe e-Egypt uke wathi xhinti ekulekeleleni ngamaqhinga ithimba labaqeqeshi leLa Masia edlala kwiMotsepe Foundation Championship, ngaphambi kokugixabezwa ngesikhundla yiChiefs.
Uvala isikhundla ebesiphethwe wuMolefi Ntseki osengumqeqeshi eqenjini elikhulu.
“IChiefs iqoke umqeqeshi ofanele ngempela ngokuqoka uCavin, onolwazi olunzulu ekusebenzini nabadlali abasakhula. Ngikholwa wukuthi uzokwenza umehluko omkhulu esikhungweni seChiefs sabadlali abasakhuliswa, uzokwazi ukubona abadlali abahle, abakufanele ukuba sesikhungweni saleli qembu.
Ukuqokwa komqeqeshi onjengoCavin kukubeka ngokusobala ukuthi usihlalo weChiefs, uKaizer Motaung ukukhathalele kangakanani ukuphathwa ngendlela efanele kwesikhungo sabadlali abasakhuliswa.
Ngisuka kude noCavin ekusebenzeni ngempumelelo nabadlali abasakhula, kusukela sisasebenza naye eTransnet School of Excellence, ophikweni lwase-Alexandra,“ kusho uMogale oqeqesha emazingeni aphansi kwiMamelodi Sundowns.
Uthe akanakho ukungabaza ukuthi uJohnson uzowenza ngempumelelo umsebenzi aqashelwe wona.
Ngaphandle kokusebenza kwiSchool of Excellence yodumo ekukhiqizeni abadlali abasezingeni eliphezulu eminyakeni edlule, uJohnson wasebenza engumqondisi kwiRoyal Bafokeng Sports Academy, ePhokeng eNorth-West, phakathi kuka-2008 no-2012.