Baroka FC (0) 1
Tuks FC (1) 1
KUNCIPHE amaphupho eBaroka FC okukhushulelwa esigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika ngesizini ezayo kulandela ukuhluleka kwayo ihlandla lesithathu kulandelana ukuqoqa amaphuzu agcwele kusukela kuqale imidlalo yokuhlunga.
IBaroka eqede isizini edlule isendaweni yesithathu kwiMotsepe Foundation Championship ibukeka ingeke idlale kwiDStv Premiership ngesizini ezayo kulandela ukucazelana kwayo ngamaphuzu ne-University of Pretoria ngoLwesithathu ntambama, eGlobal Village, eLimpopo.
Sidlalwe kwaze kwasala umzuzu owodwa ukuba sisongwe isiwombe sokuqala kuyiBaroka ephethe umdlalo kodwa kube iTuks evula inkundla ngegoli elishaywe, uDelano Abrahams, owakhelwe ukuzikhandla, kukaThabang Sibanyoni, abegadla naye.
Elokulinganisa leBaroka lingqofelwe enethini, u-Ananias Ghebardt kade kuyikhona.
ITuks elale isibili kulesi sigaba esiphakela esikhulu isenalo ithuba lokubuyela emafutheni eDStv Premiership kodwa konke kulele ekutheni izomisa kanjani uma isibhekene neRichards Bay FC ngoMgqibelo eTuks Stadium.
IRichards Bay elale endaweni ka-15 esigabeni esikhulu ngesizini edlule iyona evunywa izinto kule midlalo kwazise kuze kube imanje ayikayitholi induku kweyayo yokuqala emibili kulandela ukunqoba kwayo ekhaya kwiTuks nokucazelana ngamaphuzu neBaroka ngeledlule.
Nakwesesibili isiwombe umdlalo ububanda kuyiBaroka ephethe ibhola kodwa futhi ingeyona ingozi kwiTuks ebisikhombisa izimpawu zokungabi nankinga nokuhlala emuva.
Lokhu kuyidalele izinkinga iTuks ngoba, uGebhardt, ushayele iBaroka igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-70.
Imizuzu yokugcina bekuyiBaroka ebisingena nezicabha emapalini ezivakashi kodwa lokhu kugcine kungazange kube usizo ngephupho lokukhuphukela esigabeni esikhulu yize kusasele umdlalo wokugcina neBay ekuhambeni.