UKUSAYINISWA yiReal Madrid kwesikhwishikhwishi somdlali wasesiswini uJuden Bellingham, akungatshazwa ukuthi kuyigxathu elihle.
Kuzosiza ekudlondlobaleni kwakhe ngoba iSpanish La Liga, ingenye yamaligi ebhola amakhulu abophele izingqungqulu zabadlali emhlabeni.
UBellingham (21), odabuka eStourbridge, e-England, osayiniswe ngetshe lemali esuka kwiBorrusia Dortmund, yaseGermany, ungomunye wabadlali abaseqophelweni eliphezulu abathengwe yizingqungqulu zaseSpain.
Inhloso yalokhu ukuqinisa isikwati seqembu ngemva kokushiya kwabanye abadlali abamqoka, okubalwa uKarim Benzema, u-Eden Hazard nabanye.
UBellingham osavunywa yiminyaka, ukhombise ukuvuthwa kula masizini ambalwa edlule kwiDortmund, naseqenjini lesizwe lase-England, i-The Three Lions.
Udlale okokuqala eNdebeni yoMhlaba yeFifa, emele izwe lakhe eneminyaka engu-19, washaya igoli lakhe lokuqala kulo mqhudelwano. Ubengumdlali omncane wesibili wase-England, ngemuva kukaMichael Owen, ukushaya igoli kwiNdebe yoMhlaba.
Lesi sikhwishikhwishi somdlali enkabeni yenkundla sikhulele esikhungweni saseBirmingham City. UBellingham uqale ukukhombisa izimpawu zokuba ngumthente ohlaba usamila, eseseqenjini lase-England, ngenkathi ekhushulelwa esikimini esikhulu seqembu elidlala kwi-English Championship ngesizini ka-2019/2020.
Ukwenza ezibukwayo komdlali kwiBirmingham, ngesizini yokuqala esikimini esikhulu seqembu kwiChampionship, kwathatha amehlo amaqembu amaningi ase-England, okubalwa neManchester United. Kepha wagcina ehlwithwe yiDortmund yaseGermany.
Yize engazuzanga izicoco eziningi nezinkulu neDortmund, kodwa ukugijima kwakhe amasizini amathathu eqenjini laseGermany, eliphunyukwe yisicoco seligi yeBundesliga, unqobe isicoco seDFB-Pokal ngesizini ka-2020/21. Waqhubeka nokudlala elinenkosi phakathi, yilo elenze waba yinyama emaqenjini amakhulu adlala kwiPremier League nakwiLa Liga, wagcina eqome iMadrid.
Kubukeka sengathi uBellingham uzoshesha ukungena esitayeleni seMadrid, njengoba ebingelele ngegoli kwezakhe. Ushaye igoli lesibili ngeledlule ngesikhathi zinqoba i-Athletic Club ngo 2-0, kowokuvula isizini ka-2023/24 yeLa Liga.
Lo mdlali oyibamba enkabeni yenkundla, onamandla okushoshela, kubukeka sengathi usayiniswe ngenhloso yokuvala isikhala sikaLuka Modric (37), oseyinkunzi emidwayidwa nosesalelwe yisikhathi esincane agaxe amakhokho emgibeni.
Kulindeleke ukuthi afunde lukhulu kuModric engakawagaxi emgibeni, okubukeka sengathi yisizini yakhe yokugcina lena egijima eqenjini laseMadrid.
Imidlalo yeSpanish La Liga:
Namuhla:
Ngo-5pm:
Real Sociedad v Celta Vigo
Ngo-7.30pm:
Almeria v Real Madrid
Ngo-9.30pm:
Osasuna v Athletic Club
Kusasa:
Ngo-5.30pm:
Girona v Getafe
Ngo-7.30pm:
Barcelona v Cadiz
Ngo-9.30pm:
Real Betis v Atletico Madrid