USENGCUPHENI yokuhlala izinyanga eziyisithupha engalithinti ibhola uMpho Makola weCape Town City, emva kwesenzo sakhe esivele kwithelevishini ngempelasonto edlule, ephusha umsizi kanondweba, emdlalweni wamanqamu weMTN8 neMamelodi Sundowns.
Lo mdlali ozakhele udumo esekwi-Orlando Pirates, ubekwe icala yikomidi lePremier Soccer League (PSL) eliqondisa ubugwegwe, limsola ngokugxaza umsizi kanondweba uCladwin Baloyi emdlalweni owawuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Umshushisi wePSL, uNande Becker izolo ukuqinisekisile kwiSolezwe, ukuthi usembekile icala lo mdlali kanjalo neCape Town City.
“ICape Town City nomdlali wayo uMpho Makola sebebekwe icala yiPSL kulandela ukuthi (uMakola) aphushe ngesihluku umsizi kanondweba esifubeni ngemuva kokukhahlelwa kwamaphenathi emdlalweni wamanqamu weMTN 8,” kusho uBecker.
Uqhube wathi: “Icala lingena ngoNovemba 11. Uma uMakola etholakala enecala ubhekene nesigwebo sezinyanga eziyisithupha engazihlanganisi nonobhutshuzwayo.”
Inkontileka kaMakola (35) iyaphela ngoJuni wonyaka ozayo okuyisikhathi esifanayo nangase asihlale uma elahlwa yicala. Ngemuva kokunqoba kweSundowns ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi, kusuke isidumo okugqame kusona ukunganeliseki ngokuthile kwabeCity kuhamba phambili uMakola.
Obekucasula uMakola ukuthi bathuleleni unondweba (uThando Ndzandzeka) nomsizi wakhe uBaloyi, ekubeni unozinti weSundowns uDenis Onyango, esuka kuqala engakakhahlelwa amaphenathi. UMakola nomgadli weCity uFagrie Lakay, bathola amakhadi abomvu ngalesi sixakaxaka.
Okuqhathe lo mdlali nolaka lwePSL ukuvezwa kwakhe kwithelevishini ebeka izandla zakhe zombili esifubeni sikaBaloyi. UMakola akaqali ukuziqhatha nolaka lwePSL, ngo-2019 waphusha unondweba ecasulwa wukunikwa iphenathi kweKaizer Chiefs emdlalweni weTelkom Knockout.
Walahlwa yicala, wagwetshwa izinyanga eziyisithupha engalithinti ibhola. Nokho lesi sigwebo sehliswa ngemuva kokudlulisela icala kwiSafa, wamiswa imidlalo emine. Uma uMakola etholakala enecala nakulokhu, isigwebo singase singaguquleki kwazise uzobe etholakala enecala elifanayo.