KUFANELE ukuthi inhliziyo igxuma nephaphu kumqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngemva kokuqinisekiswa kwezindaba zokuhlukana phakathi kukaPercy Tau, nezinkunzi zebhola lase-Afrika, i-Al Ahly yase-Egypt.
UTau (30) umenyezelwe njengenduku entsha yeQatar SC, yaseQatar kulandela ukushiya kwi-Al Ahly ahlale kuyona iminyaka emine, wadla izicoco ezingu-12 okubalwa nezeCaf Champions League ezimbili. Kuvele ukuthi iqembu limthenge ngemali elinganiselwa ku-R8.5 million kanti inkontileka yakhe ne-Ahly, ibizophela ngoJuni.
Nakuba uTau engeke esaba yingxenye yeFifa Club World Cup ,maphakathi nalo nyaka e-United States of America (USA) kodwa lezi zindaba kufanele ukuba zehle kahle kuBroos.
Lo mqeqeshi waseBelgium, sekunesikhathi enxenxa uTau ukuba ashiye kwi-Al Ahly ngoba ebona sengathi isimo sakhe kuyona simqhelelanisa neqembu lesizwe.
Ngesikhathi kunamakhempu abengasekupheleni konyaka odlule ubengabonwa nangokhalo uTau kodwa uBroos ubelokhu ekuveze njalo ukuthi isimo sakhe kwi-Ahly, sinomthelela.
Yize uBroos ebebuye ahlabe abathandi bakanobhutshuzwayo ngokulindela imilingo ngaso sonke isikhathi kuTau, uma egijima kwiBafana kodwa nokungadlaliswa e-Egypt, bekungesinye sezizathu zokumshiya kwakhe ngaphandle.
“Iqiniso wukuthi uTau akeneme e-Egypt, ngoba umqeqeshi okhona kwi-Al Ahly (Marcel Koller) akamboni njengomdlali omqoka,” kusho uBroos ngoNovemba nyakenye.
“Okungasiza uTau wukuthi ashiye kuleli qembu aye lapho bezomjabulela khona naye azibone ukuthi umqoka ngoba kwi-Al Ahly, isimo sakhe asisihle.
“Uma umdlali engajabule akulula ukuthi akhiphe wonke amangwevu akhe enkundleni. I-Al Ahly ike yazama ngisho ukumdayisa kodwa yahluleka ngakho-ke ngokwami ayikho into esengasiza uTau ngaphandle kokubheka engxenye.
“Umnyango kwiBafana uyohlale uvuliwe kuTau ngoba ungomunye wabaholi beqembu kodwa akulula ukumbiza uma engadlaliswa eqenjini lakhe.“
UTau owaqokwa njengeCaf Inter-Club Player of The Year ngo-2023 ubebhekwe emaqenjini aseNingizimu Afrika, ahlanganisa iKaizer Chiefs neqembu lakhe lakudala iMamelodi Sundowns, kodwa waqoma ukuya eqenjini elizama ukubalekela ukudliwa yizembe eligini enkulu yaseQatar.
I-Al Ahly izokwamukela i-Orlando Pirates ngoMgqibelo ngo-6 ntambama, kowokusonga ka-Group C weChampions League, eCairo International Stadium.