KUBUYISWE nesilomo somgadli weBanyana Banyana, uThembi Kgatlana, eqenjini lesizwe labadlali abangu-36, okuzoqokwa kulona isikwati esizoya koyibamba eNdebeni yoMhlaba e-Australia naseNew Zealand kusukela ngoJulayi.
IBanyana izongena ekhempini eGoli ngoJuni 12 ngaphambi kokuthi kuqokwe abadlali abangu-23 abazoyibamba kweyoMhlaba.
Umqeqeshi weBanyana, uDesireee Ellis, utshele i-website yeSafa ukuthi ukukhetha lesi sikwati sokuqala, kube ngumsebenzi onzima kakhulu.
“Leli yiqembu esicabanga ukuthi singaqoka kulona. Sisazokhetha isikwati sokugcina simemezele abangu-23 kanye nabathathu abazobe belindile uma kwenzeka abanye belimala. Lokho kuzoba nzima kakhulu kodwa leli yilona qembu labadlali esicabanga ukuthi bazosenzela umsebenzi,” kusho u-Ellis.
Owayengukaputeni weBanyana, uJanine van Wyk, ube yingxenye yezinhlelo zika-Ellis kodwa usehoxile ngenxa yokulimala.
UKgatlana ubizwe okokuqala selokhu alimala ngesikhathi edlala kwiWomen’s Africa Cup of Nations eMorocco ngoJulayi nyakenye. Ukwazile ukubuyela enkundleni wadlalela iqembu lakhe lase-United States of America, iRacing Louisville.
IBanyana izogijima kowobungani neCosta Rica ngoJulayi 15 okuzobe kungowokugcina ngaphambi kokuthi liqale eyamaqoqo eNdebe yoMhlaba lapho liqhathwe khona neSweden, Italy ne-Argentina.
Iqembu leBanyana Banyana:
Onozinti: Andile Dlamini, Kaylin Swart, Regirl Ngobeni, Kebotseng Moletsane, Asa Rabalao.
Izitobha: Asanda Hadebe, Karabo Dhlamini, Fikile Magama, Cimone Sauls, Lebohang Ramalepe, Tiisetso Makhubela, Lonathemba Mhlongo, Noko Matlou, Bambanani Mbane, Bongeka Gamede.
Abasesiswini: Thubelihle Shamase, Kholosa Biyana, Thalea Smidt, Refiloe Jane, Sibulele Holweni, Linda Mothlalo, Nomvula Kgoale, Robyn Moodaly, Amogelang Motay.
Abagadli: Nicole Michael, Gabriela Salgado, Sphumelele Shamase. Jermaine Seoposenwe, Noxolo Cesane, Melida Kgadiete, Nthabiseng Majiys, Lelona Daweti, Wendy Shongwe, Ntombifikile Ndlovu, Hildah Magaia, Thembi Kgatlana.