Cape Town Spurs (1) 3
AmaZulu FC (1) 1
ICAPE Town Spurs iqoqe amaphuzu amqoka embhidlangweni wayo wokubalekela izembe ivuka indlobane ivulela isibhaxu kuMaZulu emdlalweni weDStv Premiership obudlalelwa e-Athlone Stadium, eKapa, ngoMgqibelo kusihlwa.
Nakuba iSpurs isabhekene nempi yezembe njengoba ingakathi nyaka emsileni we-log yePremiership yize inqobe umdlalo wayo wesibili kule sizini, kodwa lo mphumela wanamuhla ngoMgqibelo kufuze ukuba wenze kwathi gidi isibindi kumqeqeshi waleli qembu, u-Ernst Middendorp, nabadlali bakhe ngamathemba okuvika izembe.
Empeleni iSpurs ebisho ukuwadla luhlaza AmaZulu kulo mdlalo, ikhombise zibekwa nje ebhandeni ukuthi ibizele ukuzosebenza.
Ukuhlasela kweSpurs zisuka kusheshe kwacaca ukuthi kuyazixaka izitobha zaMaZulu kulo mdlalo, ngenkathi uRamahlwe Mphahlelwe ekeqa u-Asanele Velebayi ngaphandle kancane kwebhokisi, kwadaleka i-free kick eshaywe uLuvuyo Phewa yaphebezwa ngunozinti waMaZulu, u-Olwethu Mzimela, ibhola lawela ezinyaweni zikaChumani Butsaka walibhajiswa ezintanjeni ngomzuzu ka-13 kwaba ngu 1-0.
AmaZulu abuyile ngomzuzu ka-30 ngegoli elivalelwe phakathi ngu-Abbubaker Mobara elenze kwaba ngu 1-1.
Kodwa ukuhlasela ngamandla kweSpurs kuphinde kwayinika elinye ithuba lokuhamba phambili ngenkathi uButsaka ekeqwa phakathi ebhokisini nguCelimpilo Ngema, unompempe uMoreki Lekwape wayikhomba emlotheni.
Nokho uBoitumelo Radiopane uhlulekile ukubeka phambili iSpurs ngomzuzu ka-39 egezwa ngunozinti waMaZulu, uMzimela.
Sekusele kancane ziye ekhefini uTaariq Fielies ucishe wabeka Usuthu phambili engqomfela ngekhanda ibhola ebeligotshwe nguWayde Jooste kade kuyi-corner kick ngomzuzu ka-43.
Ngesiwombe sesibili iSpurs iqhubekile nokuba yingozi uma ihlasela, ihlasela kuvalwe amehlo, kwagcina kuyilungele ngomzuzu ka-55 u-Ashley Cupido eshaya elesibili ngemuva kwebhola ebeligotshwe nguPhewa obeyiphela endlebeni ezitobheni zoSuthu kulo mdlalo.
U-Augustine Kwem ucishe washayela Usuthu elokulinganisa ngomzuzu ka-67 ethi ungqomfela ngekhanda ibhola etshuza (diving header) kodwa lamceza kancane ngemuva kwebhola ebeligotshwe nguJooste.
Ngemizuzu yokugcina uCupido ushayele isipikili sokugcina ukuqinisekisa ukuthi i-Urban Warriors isala nawo egcwele amaphuzu amathathu eKapa eshaya igoli lakhe lesibili kulo mdlalo ngomzuzu ka-83 nelenze kwaba ngu 3-1.
Ukunqoba lo mdlalo kwezikaMiddendorp akungatshazwa ukuthi kuzoba yisikhuthazi esikhulu kuzona emidlalweni emibili emqoka elandelayo yePremiership neTS Galaxy ngoMashi 3, ne-Orlando Pirates ngoMashi 6.
Kanti ngakolunye uhlangothi, Usuthu olubhala lucisha lubhekene nenselelo yokuvuka luzicoshe lubhukule ekulungiseni amaphutha odongeni lwawo lwasemuva olukhombise obukhulu ubuthaka kulo mdlalo walo ne-Urban Warriors, uma luzimisele ngamaphuzu emidlalweni elandelayo yePremiership neMamelodi Sundowns ngoFebhuwari 27, neMoroka Swallows ngoMashi 5.