AKUKACACI ukuthi u-Evidence Makgopa uzokwazi yini ukuba yingxenye yomdlalo weDStv Premiership obhekwe ngabomvu phakathi kwabakhaya baseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ozobanjelwa eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
Lo mgadli uyena owashaya igoli elanqobisa Ezimnyama ngo 1-0 ngesikhathi la maqembu ebhekene e-Orlando Stadium ngoNovemba, nyakenye.
Ubengekho ngesikhathi iqembu likaJose Riveiro lidlala ngokulingana ngo 1-1 neCape Town Spurs kowakamuva weligi ngoLwesithathu.
Ugcine ukubonakala ngesikhathi benqoba iPolokwane City ngo 1-0 ngoMgqibelo odlule. Nakuwona lowo mdlalo uyena owaba yiqhawe ebhakuzisa inethi esiwombeni sesibili. Akazange awuqede umdlalo ngenxa yokulimala.
“UMakgopa wathinteka ngesikhathi sidlala nePolokwane City. Ekuqaleni besicabanga ukuthi yinto engatheni kodwa akakwazanga ukulungela umdlalo weSpurs,” usho kanje kwabezindaba umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro.
“Akukacaci ukuthi uzokwazi yini ukudlala ngoMgqibelo kodwa besingamphumuzile. Siphoqelekile ukwenza izinguquko ngesikhathi sibhekene neSpurs. U-Olisa Ndah ubemisiwe kanti u-Evidence ubengakulungele ukudlala.”
Uma kwenzeka uMakgopa elulama ngesikhathi uzoba sethubeni lokuba ngomunye wabadlali abakhethekile asebeke bakwazi ukushaya amagoli emidlalweni emibili yeligi yomkhaya baseSoweto, iChiefs nePirates, ngesizini eyodwa.
Umdlali wokugcina ukwenza lokho uThamsanqa Gabuza, owalibeka enethini kuyona yomibili imidlalo ngesizini ka-2015/2016.
Washaya igoli elilodwa ngesikhathi amaBhakabhaka ethela phansi Amakhosi ngo 3-1 ngo-Okthoba 2015, waphinde wathola elinye bebambana ngo 1-1 ngoJanuwari 2016.
Abanye abadlali asebeke bakwenza lokhu phambilini selokhu kwasungulwa iPremier Soccer League nguJerry Sikhosana, Dennis Lota, Benedict Vilakazi, David Obua noSiphiwe Tshabalala.