KWETHUSE yena uqobo ukushesha kokwenzeka kwezinto ayekade ephupha ngazo umgadli weMamelodi Sundowns, uCassius Mailula.
UMailula (21) uthe akazimisele ngokuzixaka ngokuqalaza amadlelo aluhlaza ngoba ukholelwa ekutheni konke kwenzeka ngesikhathi esifanele.
UMailula, oseshayele iSundowns amagoli angu-18, wakhela ozakwabo amane ezinyangeni eziyisithupha ezedlule kusukela enikwe okokuqala ijezi esikimini esikhulu, usekhempini yeBafana Bafana.
Lo mgadli ungelinye lamasosha umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, athembele kuwona kokaGroup K weyokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2024, neLiberia ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama, e-Orlando Stadium.
Kuzodlula izinsuku ezine kwenzekile lokho, leli qembu likaBroos libhekane nezwe elifanayo kodwa ekuhambeni.
IBafana imelwe ukuqoqa okungenani amaphuzu amane ukuze iwaqinise kakhulu amathuba ayo okungena endizeni ebheke e-Ivory Coast ngonyaka ozayo.
UMailula, obekhuluma nethimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa), uthembise ukwenza konke okusemandleni ukuweza iBafana uma enikwa ithuba.
"Ngiyakholelwa ekutheni konke kunesikhathi sakho ngakho-ke konke okwenzeka kimina yingoba isikhathi sakho sesifikile yize ngingeke ngiphike ukuthi kuyangethusa nami," kusho lo mgadli.
“Konke kulele ekutheni uzikhandla kangakanani njengomdlali. Ngiyavuma ukuthi izinombolo zami ziyathusa kodwa kufanele bashayelwe ihlombe abaqeqeshi beSundowns ngoba konke enikubonayo yizithelo zemisebenzi yabo.
“Ngiyalijabulela ithuba engilinikiwe futhi ayikho into eyoba mnandi kimi njengokuweza iBafana.
“Kusemqoka nokho ukukuqhakambisa ukuthi bengingazitsheli ukuthi izinto ekade ngangiphupha ngazo sezingavele zenzeke isigubhukane,” kulandisa yena.
UMailula uhlela ukuluncela lonke ulwazi azoluthola kule khempu egqishe ngabadlali abanjengoPercy Tau, athe ukhule efisa ukuba senkundleni eyodwa nabo.
“Nginenhlanhla yokuphekwa ngabaqeqeshi abangivumelayo ukwenza amaphutha ngoba iyona ndlela engizoba ngcono ngayo. Ngizoluncela lonke ulwazi engizoluthola kule khempu.
“Angikaze ngizitshele ukuthi izinto zami zizoshesha ngale ndlela kodwa konke kuyintando yoMdali. Ngijabule kakhulu ukuthi ngizoba senkundleni eyodwa noPercy (Tau)),” kusho yena.
Emasontweni edlule uMailula ubesenkundleni eyodwa noTau emaqenjini ahlukene. Kulowo mdlalo weCaf Champions League, iSundowns ibhaxabule ezikaTua, i-Al Ahly, ngo-5-2.
UMailula akakholwa ukuthi uzophuka umoya uma izinto zingahambi kahle njengoba ebizelwe kwelesizwe esemncane.
“Konke kuthinta ukukhula kodwa ngeke kungiphule umoya ukungenzeki kwezinto okwamanje ngoba kuyobe kusho ukuthi isikhathi asikafiki. Yinto efanayo namadlelo aluhlaza (phesheya), ngisho singafika nini isikhathi siyobe sifanele.
“Ngiyazazi ukuthi ngisebenze kangakanani ukufika la ngikhona ngakho-ke ngiyakwemukela konke okwenzekayo empilweni yami ngoba nangokomphefumulo ngizizwa ngiwumqemane,” kusho uMailula osahlela ukwengeza eziqwini zeSports Science azithole eTUT ngo-2019.