AKUSEKUDE siphinde sibonakale enkundleni isitobha seBafana Bafana, uTerence Mashego, ngokusho komqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena.
Lo mdlali oyibamba emuva kwesokunxele, uthengwe iSundowns kwiCape Town City ngoSepthemba nyakenye. Udlale umdlalo owodwa eqhamuka ebhentshini bebhekene naMaZulu ngoSephthemba 18 wabe eselimala edolweni. Kwadingeka ahlinzwe.
Ekhuluma ngaphambi komdlalo weNedbank Cup neMarumo Gallants ngoLwesine, uMokwena uthe uMashego udinga ukunakekelwa njengoba sekukaningi elimala endaweni efanayo.
“UTerrence useqalile ukuzilolonga otshanini kanti useyidlalile imidlalo yobungani embalwa. Kube nzima ukuthi asheshe abuye ngoba kunomlando othile mayelana nokulimala kwakhe,’ kusho uMokwena.
"Yisimo esibucayi ngoba uma sijaha kungenzeka aphinde alimale. Kufanele sibe nesineke simbuyise ngokucophelela. Ngenhlanhla sinethimba lodokotela elisezingeni eliphezulu elikwaziyo ukwelapha izinhlobo ezehlukene zokulimala.
“Useyagijima otshanini futhi usebenza kanzima ukubuyisa ifomu nokuzethemba ukuze abe sesimeni esihle sokulwela ijezi.”
Ukubuya kukaMashego kuzoba yizindaba ezinhle kumqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, njengoba ebejwayele ukumbiza eqenjini lesizwe engakalimali.
Nokho uMokwena uthe ngeke kube lula ukuthi asheshe alithole ijezi kumaBrazilians njengoba ezolibanga nabadlali abasefomini.
“Ngeke kube lula ngempela ngoba kunabadlala endaweni yakhe abenza kahle kakhulu njengo (Aubrey) Modiba noSifiso Ngobeni. Kumele aqhudelane nabo kodwa ungumdlali osezingeni eliphezulu futhi simthenge sazi ukuthi uphetheni. Sikubheke ngabomvu ukubuya kwakhe, yize kumele sibe nesineke.”
Abanye beSundowns abangakakulungeli ukudlala ngenxa yokulimala nguGaston Sirino, Lebohang Maboe, Lesedi Kapinga, Gift Motupa, Sphelele Mkhulise, no-Erwin Saveedra.
USipho Mbule naye ngeke abonakale koweGallants ngenxa yokuthi usamisiwe ngenxa yokuthi uthole ikhadi lesine eliphuzi ngesikhathi bewashisa iRichards Bay FC ijezi koweNedbank Cup odlule.