Kaizer Chiefs (0) 1
Sekhukhune United (0) 0
IKaizer Chiefs ijabulise abalandeli seliyoshona ishaya igoli ngemizuzu yokugcina iguqisa iSekhukhune United emdlalweni weBetway Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto ntambama.
Igoli enqobe ngalo iChiefs kulo mdlalo livalelwe phakathi nguMfundo Vilakazi obesuka ebhentshini ngesiwombe sesibili.
Ngesiwombe sokuqala iChiefs yiyona ebiphezulu ngomdlalo futhi yathola inqwaba yamathuba okubhakuzisa inethi. Kube ngesifazayo kube nangesiwombe sesibili.
Ngendlela iChiefs ewathole ngayo amathuba bekumele ziye ekhefini ihamba okungenani ngamagoli amabili.
Kubonakala ukuthi igoli alitholakali, ithimba labaqeqeshi leChiefs lenze izinguquko, kungena uRanga Chivaviro, Yusuf Maart noVilakazi.
Nebala lezi zinguquko kubukeke zithela izithelo njengoba Amakhosi ebesehlasela ngamandla.
Igcine ivulekile imbobo ngomzuzu ka-86 uVilakazi evalela phakathi igoli okuyilona okugcine kungelokuwina laMakhosi.
Ukunqoba kwaMakhosi lo mdlalo akubuzwa ukuthi kwenze ithimba labaqeqeshi baleli qembu eliholwa uNassredine Nabi lathola ukuphefumula, kwabuyisa nethemba kubalandeli balo abebephume ngobuningi eMabhida njengenjwayelo, ikakhulukazi njengoba ehlule iSekhukhune engagayelwa mphako kulezi zinsuku.
Ukwehlulwa kweBabina Noko eqede umdlalo ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukaVuyo Letlapa, kusho ukuphazamiseka komgqigqo walo leli qembu laseLimpopo ebeselinqobe imidlalo emithathu kwemine ebeseliyidlalile ngaphambi koweChiefs.
Amakhosi azobuyela enkundleni ngomdlalo ngomunye umdlalo wasekhaya weNedbank Cup Last 32 neFree Agents edlala kwiSafa Gauteng ABC Motsepe League, eFNB Stadium, eGoli, ngeSonto.