KUFANELE wukuthi kugxabha izisu kubalandeli bakanobhutshuzwayo baseSenegal kusukela isithandwa sabo, uSadio Mane, kuphoqeleke ukuba sikhishwe umdlalo weBayern Munich weligi neWerder Bremen unemizuzu engu-20 uqalile ngenxa yokulimala, ekubeni iqala iNdebe yoMhlaba ezinsukuwini ezingu-10.
UMane akagcini ngokuba yisethenjwa seSenegal kule Ndebe yoMhlaba eqala ezinsukwini ezingu-10 kwelaseQatar kepha uthwele amathemba ezwekazi cishe lonke kulo mqhudelwano ongakaze unqotshwe izwe lase-Afrika.
Lolu nyazi lomgadli oseluqokwe amahlandla amabili kowe-African Footballer of the Year, luphinde lawakhuphula amathemba e-Afrika ngesicoco somhlaba ngesikhathi luhola iSenegal ibheke esicocweni kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), nyakenye.
Yize iBayern iwunqobe ngo 6-1 umdlalo weBundesliga kwiBremen kodwa okuyikhona okuthathe iso, wukulimala kukaMane kwazise bonke abathandi bebhola emhlabeni kabafuni kwengezeke esibalweni sabalali abazobe bengekho eQatar ngenxa yokulimala.
Okwenza kwethuse ukulimala kwabadlali njengoba sekusondele umqhudelwano wukuthi vele oPaul Pogba noN’golo Kante baseFrance, Diogo Jota noPedro Neto bePortugal, Timo Werner weGermany noBen Chilwell we-England, sekuvele kuqinisekisiwe ukuthi ngeke babe yingxenye yalo mqhudelwano oqala ngoNovemba 20 ngomdlalo wosokhaya iQatar, lapho izobe ibhekene khona ne-Ecuador ngo-6 ntambama, e-Al Bayt Stadium, e-Al Khor.
Ngemuva kwalo mdlalo wangoLwesibili, iBayern imemezele ukuthi yize ethintekile uMane kodwa akukubi ngendlela yokuthi usezokweqiwa ngoweNdebe yoMhlaba. Ikucacisile nokho ukuthi bebesambuka ngeso kuphela kodwa ubesazoyohlolwa kahle ngemishini efanele.
Namuhla emini iphephandaba laseFrance elidume ngokuzazi zonke ezikanobhutshuzwayo emhlabeni, i-L’equipe, lidalule ukuthi lesi sihlabani esizakhele ugazi emhlabeni sisadlala kwiLiverpool yase-England, ngeke sibe ingxeye yeSenegal koweNdebe yoMhlaba ngenxa yalokhu kulimala.
Ngokwaleli phephandaba, uMane ushayeke umsipha okuzokwenza ukuthi amathemba eSenegal ekuGroup A neQatar, Ecuador neNetherlands, ashabalale kwazise isizoya kulo mqhudelwano ngaphandle kwesithenjwa sayo esingumholi omqoka ekuhlohlweni kwamagoli nasekwakheleni leli qembu lesizwe isithunzi.
Lo mbiko ulotshwe ungakasho lutho ngalokhu usoseshini waseSenegal kanti naye uqobo uMane ubengakaphefumuli emakhasini akhe ezinkundla zezokuxhumana.