Orlando Pirates (2) 4
Stellenbosch FC (0) 1
I-ORLANDO Pirates iwaqoqe egcwele imidlalo ilandelana okokuqala ngqa kule sizini eyiqale ithembisa kodwa ukugqozelwa yimiphumela kulokhu kusikhiphe njalo isitimela sayo kujantshi.
Nakuba kunjalo kodwa iPirates ikhombisa izimpawu zokuvuka emaqandeni kwazise inqoba kwiStellenbosch izolo nje, isuka ekunqobeni ngo 3-1 ewuthole kodlule kwiLamontville Golden Arrows.
Amagoli okunqobe ngawo iPirates ngeSonto, ananyathiselwe ezintanjeni nguThabang Monare, Innocent Maela, Kermit Erasmus noNdabayithethwa Ndlondlo.
Elokubika ekhaya lezivakashi lingqofelwe enethini nguMervin Boji esiwombeni sesibili.
Ukungabibikho kukaJunior Mendieta weStellies ngenxa yesigwebo samakhadi kwenze leli qembu laseKapa laqala lo mdlalo kuvele kuyilona elithishwe ukuba lilahle amaphuzu.
Nguye futhi uMendieta oshayele iStellies igoli ebelicisha elikaNkosinathi Sibisi, kowesigaba sokuqala sesizini ophele ngo-1-1 eKapa.
Kuyithathe imizuzu eyisishiyagalombili iPirates ukuthi uMonare ayibeke ebuhleni ngegoli lekhanda kade kuyi-freekick ethathwe nguMonnapule Saleng.
Leli goli obekungelokuqala likaMonare kusukela efikile kwiPirates ngo-2020, liyenze yakhululeka nabadlali bayo basesiwini baqala balihlanganisa ngokukhululeka.
Nakuba ibiqhamuka iminyakazo ekhombisa ubungozi beStellies ngejubane, ubezipholele imizuzu yokuqala engu-20, uSipho Chaine, obesezintini zePirates.
UChaine uphumule nje, uSage Stevens, obevimbe kwiStellies wenze iphutha kwavela igoli lesibili lePirates ngonyawo lukaMaela ngomzuzu ka-22 kade kuyikhona.
Esinye isitobha, uBandile Shandu, sicishe naso sashaya igoli lesithathu lePirates kodwa sashaya ipali esekwenze konke ngomzuzu ka-32.
Zithe ziya ekhefini bese kusobala ukuthi abadlali bezivakashi sebelinde ukuzwa indweba kwazise nelanga beliphumile.
USteve Barker ongumqeqeshi weStellies ubuye nezinguquko ezimbili ekhefini ngenhloso yokukhuphula umfutho kubafana bakhe abebebukeka sengathi bathwele kanzima.
Akukho minyakazo etheni ekhonjiswe iStellenbosch emuva kwalezi zinguquko ngaphandle kokuthi iPirates iyona ebisaqhubeka nokuba ingozi.
Lobu bungozi bufakazelwe ukuthi iPirates ishaye igoli lesithathu ngonyawo luka-Erasmus obelithinta okokugcina ibhola ngomzuzu ka-59, kwadlula imizuzu emine walibhajiswa ezintanjeni elesine uNdlondlo.
Yize konke bekubukeka kukuhle kwiPirates, uBoji obesanda kungena, ushayele iStellies igoli lokubika ekhaya ngaphambi kokubhekana nabakhaya iCape Town City kolandelayo.
Emuva kwegoli lokubika leStellies, bese kusobala ukuthi iPirates isidlalela ukuqeda umdlalo kwaze kwaba uyaphela.