Switzerland (0) 1
Cameroon (0) 0
KUMELE izisole yona iCameroon ngokuvumela ukudliwa iSwitzerland ngo-1-0, singekho isidingo koweNdebe yoMhlaba, ngoLwesine, e-Al Janoub Stadium, eQatar.
Okuthele usawoti esilondeni ngalokhu kudliwa kwezikaRigobert Song ukuthi zingcwatshe uBreel Embolo, owazalelwa khona eCameroon, nokho waqoma ukufudukela eSwitzerland.
Lo mgadli weMonaco yaseFrance, uliqabulise inethi ngomzuzu ka-48 kubuywa ekhefini.
Esiwombeni sokuqala kulo mdlalo ka-Group G, i-Indomitable Lions iphathe umdlalo kwaze kwabe kuyiwa ekhefini. Cishe ithole amathuba acela eshumini kodwa yangawasebenzisa ngendlela.
Empeleni iRed Crosses ecijwa wuMurat Yakini, beyilandela izithunzi zabafana bakaSong.
Phakathi kwamathuba ayingozi ayekwe iCameroon, ngelika-Uric Choup-Moting ogezwe ingcaca wunozinti weSwitzerland, uYann Sommer, sebebhekene ngeziqu.
Amanye ngayekwe uKarl Ekambi, Bryan Mbeumo, ukusho abambalwa.
Nasemuva, izitobha zeCameroon ezinjengoJean-Charles Castelletto bezenza umsebenzi omuhle, kubonakala ukuthi ziyanethezeka uma ziphethe ibhola.
Uma ngabe iSwitzeland kukhona ekwenzile ezindlini zokushintshela ngaphambi kwesiwombe sesibili, kuyisebenzele.
Kuthe kubuywa u-Embolo washaya igoli elihle eqedela ibhola aligotshelwe uXherdan Shaqiri. Nangaphambi kokuthi akhishwe ucishe washaya elesibili.
Abadlali abafana noGranit Xhaka, Shaqiri weChicago obekuvele kuqagelwa ukuthi bazoyingcwaba iCameroon, baqalile bazitshengisa ukuthi bayizinsephe.
Unozinto wezikaSong, u-Andre Onana, ubesethwele kanzima.
Nakuba ikhona ingcosana yamathuba etholwe iCameroon kulesi siwombe kodwa akuzange kuyilungele.
Bekungumdlalo wesine wamaqembu ase-Afrika.
Kweyendulele owangoLwesine, iSenegal ibhaxabulwe ngo-2-0 yiNetherlands bese iTunisia neMorocco badlala ngokulingana neDenmark neCroatia.
Vele ngaphambi kwalo mdlalo izingqapheli bezilibeke ngembaba elokuthi iRed Crosess izonqoba.
Iningi beliziseka ngokuthi iSwitzerland kayishayangwa nakanye kweyokuhlungela ukuya eQatar.
Kokunye bekutuswa isipiliyoni sayo sokuya kweyomhlaba amahlandla awu-12. Ngaphuzu kwalokhu, ezikaYakini kungokwesihlanu ziya kulo mqhudelwano kulandelana.
Ngakolunye uhlangothi, ezikaSong zithwale kanzima ukuze zithole ithikithi eliya eQatar.
Ukuhamba ibanga elide kweyomhlaba, iCameroon yakugcina ngo-1990 ifinyelela kowama-quarterfinal, e-Italy.
NgoMsombuluko, leli lizwe elisenhla ne-Afrika, lizoqhubeka nomkhankaso wokufuna amaphuzu amathathu uma selibhekene neSerbia enkundleni efanayo.
ISwitzerland engene kuma-quarterfinal eNdebe yoMhlaba ngo-2014, nango-2018, nayo ngosuku olufanayo izoqwala umango oyiBrazil engelenye lamazwe elithishwa ukudla umhlanganiso kulo mqhudelwano.