Njengoba sekubhekwe ukuthi lusuke ushikishi lwe-Africa Cup of Nations (Afcon) namuhla, e-Ivory Coast, kunezilomo zamazwe ahlukene ezingeke zibonakale kule ndumezulu yomqhudelwano ngenxa yokulimala.
Yize kuyingxenye kanobhutshuzwayo ukulimala kwabadlali futhi kuyinto ejwayelekile ukuthi kube nabeqiwa yimiqhudelwano emikhulu ngenxa yakho kodwa iBafana Bafana, Ivory Coast, Ghana, Cameroon namanye amazwe bafanelwe wukukhala kakhulu kwazise kubona kuthinteke abadlali abayizinsika futhi amathemba abebekwe kubona.
Namanje abalandeli abaningi beBafana abanokukhala ngokusala ngaphandle kukaLyle Forster, odlala kwiBurnley yase-England.
UForster okuthiwe ngeke akwazi ukuba yingxenye yeBafana kwi-Afcon uyavutha kweyeBurnley yeligi, FA Cup neyeCarabao Cup eqhubeka e-England.
Abaphathi beqembu, uyena uqobo umdlalo nodokotela balo bacele i-Safa ukuthi ingamfaki eqenjini eliya kwi-Afcon njengoba kumele alokhu esondelene nalabo abamelaphayo kulandela ukuvela ukuthi unenkinga ngesimo sakhe somqondo.
Ngisho umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, ukuvezile ukuthi unokungabaza ngalesi sicelo, yize ekugcineni esamukele.
Osokhaya (Ivory Coast) bazodlala lo mqhudelwano ngaphandle kwesilomo, uWilfried Zaha, ogqame esadlala kwiCrystal Palace kodwa usegijima kwiGalatasaray SK yaseTurkey. UZaha ulimele ngale ndlela yokuthi nakwi-UEFA Champions League akabonwa nangokhalo kweyeGalatasaray.
UThomas Partey ongesinye sezithenjwa zeGhana ngeke awudlale lo mqhudelwano ngenxa yokulimala okwenza ayibuke nezihlwele i-Arsenal yase-England ayidlalelayo.
Ngenxa yalokhu kulimala sekuze kwaqala namahlebezi akhomba ukuthi umqeqeshi, uMikel Arteta, usecabanga nokumdedela.
Isithenjwa seCameroon, uBryan Mbuemo, esigqame kwiBrentford yase-England kasizange sizihlanganise naleli qembu lesizwe ngenxa yokulimala. Ukulimala kwakhe kwenza neqembu lakhe lidonse kanzima kweyeligi.
Kunabadlali uWilfred Ndidi weNigeria neLeicester City, noTaariq Laptey, weBrighton and Hove Albion neGhana nabo abangeke babekhona e-Ivory Coast ukuzosiza amazwe abo.
Kulona leli qembu lesizwe, uBaba Rahman, we-POAK Athens yaseGreece ucele ukuba angabizwa ngoba usanda kubuya ekulimaleni obese kumhlalise isikhathi eside engekho eqenjini.