UMQEQESHI weRoyal AM, uJohn Maduka, ukhale ngokwehluleka kwabadlali bakhe ukusebenzisa amathuba ngendlela phambi kwamapali nokudembesela ngemizuzu yokugcina ezakhe zibhaxabulwa yiCape Town City ngo 2-0 koweDStv Premiership, ngoLwesihlanu ebusuku eCape Town Stadium, eKapa.
Amagoli eCity aqinisekise ukuthi womathathu amaphuzu asala eKapa, avalelwe phakathi wuJaedin Rhodes ngesiwombe sokuqala, elesibili langena ngemizuzu yokugcina yokuphela komdlalo lingqomfelwa phakathi wuThabo Nodada.
IRoyal AM ebhinjelwa yizinto selokhu kuqale le sizini, yize ibithe ukuphefumula kancane ithola amaphuzu amathathu ngoLwesibili ishaya iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 kowomkhaya, kodwa ukushaywa kwayo yiCity sekuphinde kwayibuyisela odakeni njengoba ihlezi endaweni ka-14 kwi-log yePremiership.
“Siyahluleka ukuqedela umsebenzi uma sesifike phambi kwamapali, le nto iyakhathaza, ngoba senza amaphutha afanayo.
Sihuqa ubuthongo ngemizuzu emqoka (yokugcina) emdlalweni, bese sizithola sesijeza ngamaphutha ethu,” kusho uMaduka ekhuluma nabeSupersport emva komdlalo.
“Ukuthatha izinqumo ezifanele phambi kwamapali yinto eseyinkinga kithina. Ngesikhathi sekhefu ngibatshelile abafana ukuthi uma sebephambi kwamapali kufanele bangatatazeli ukuze bezokwazi ukuthatha izinqumo ezifanele, kodwa behluleka ukukwenza lokho.
Sithole amathuba amaningi sehluleka ukuwasebenzisa, kuyacaca ukuthi bekungelona usuku lwethu namuhla (ngoLwesihlanu).”
Lo mqeqeshi obekhombisa ukukhathazeka ngemuva komdlalo, ukhathazeka kufanele njengoba kucaca ukuthi uma izinto ziqhubeka nokuphika kuleli qembu sekuseduze ukuthi ibhantshi ligcwale umoya kuyena.
IThwihli Thwahla isalelwe yimidlalo emibili ngaphambi kwekhefu lamaholide kaKhisimusi njengoba izodlala neRichards Bay (ekhaya), ilandele ngeMoroka Swallows (ekhaya), bese ivala unyaka ngaMaZulu FC ngoDisemba 29.