Supersport United (0) 0
Cape Town Spurs (0) 0
ICAPE Towns Spurs iqhubekile nokuzifaka obukwini ilahla amaphuzu ngokudlala ngokulingana neSupersport United emdlalweni weDStv Premiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesihlanu ebusuku.
ISpurs obekuthe gidi kuyona ngemuva kokushaya iRoyal AM ngo 1-0 ngoLwesibili, ibibheke amanye amaphuzu amathathu kodwa yabuya nelilodwa elenze umehluko omncane empini yokuvika izembe. Ukuhluleka kweSpurs ukuqoqa amaphuzu amathathu kuweze ngelibanzi iRichards Bay esendaweni ka-15 kwi-log esidinga amaphuzu amabili emidlalweni emithathu ukuze ivike izembe. Lokhu kuncike ekutheni iSpurs iyiwina yombili imidlalo emibili yokugcina.
Leli qembu laseKapa elibambe ibhuleki endaweni ka-16 kwi-log ngamaphuzu angu-19 emidlalweni engu-28. Emidlalweni emibili yokugcina lizobhekana neLamontville Golden Arrows neKaizer Chiefs.
Enkundleni, iSupersport ithole amathuba amaningana okufika emapalini eSpurs njengoba unozinti wayo, uNeil Boshoff, ezithole evimba ibhola elibi ngomzuzu wesibili umdlalo uqalile ephebeza ibhola ebelidudulwe nguShandre Campbell weSupersport okhombise ukuba wuhlupho odongeni lwasemuva lweSpurs.
Emizuzwini engu-15 umdlalo uqalile iSpurs izithole isidlala ingaphelele ngemuva kokuthi umdlali wayo waseswini, uGabriel Kamagi, ekhishwa ngekhadi elibomvu ngokudlalisa kabi uShandre Campbell obesephunyukile eyoshaya igoli.
Lokhu kuphoqe umqeqeshi u-Ernst Middendorp ukuba enze uguquko ekhipha umdlali waphambili u-Asanele Velebayi, efaka isitobha uRushwin Dortley ukuqinisa udonga lwasemuva.
Nebala iSpurs ikwazile ukuyibamba ishisa ingasaphelele kwaze kwayiwa ekhefini zibambene ngo 0-0.
Nakuba iSupersport iqhubekile nokuba phezulu ngomdlalo nangesiwombe sesibili kodwa ihluleke yancama ukuhlakaza iSpurs.
ISpurs yize isebenze kanzima ukuvimba emuva ingasaphelele kodwa ibikwazi ukuthola izintuba ezimbalwa zokuya phambili.
Umgadli weSpurs u-Ashley Cupido obengene ngesiwombe sesibili ucishe wathola iSpurs igoli kulo mdlalo, kodwa washaya i-free kick engagcwalanga wayivimba kalula uGoss ngomzuzu ka-72.
NeSupersport ebisicindezela kakhulu ngemizuzu yokugcina yomdlalo, ilahle amathuba amaningi okubhakuzisa inethi okubalwa nelihlule umgadli waleli qembu ongalibheki ipali, uBradley Grobler, ohlulwe uhlaba udle webhola abelibekele wuCampbell ngomzuzu ka-85.
Kanti ngakolunye uhlangothi lo mphumela awuyisizanga ngalutho i-Urban Warriors ebiwadinga kakhulu amaphuzu kulo mdlalo, njengoba ingakathi nyaka emsileni wezembe.