YIZE iTunisia isendaweni yesithathu uma kukleliswa amazwe ase-Afrika azodlala kwiNdebe yoMhlaba yebhola ezobanjelwa eQatar, ilandela iSenegal neMorocco, akukacaci kahle ukuthi iCarthage Eagles izodlala kanjani kulo mqhudelwano.
Ngemuva kokukhishwa kuma-quarterfinal e-Africa Cup of Nations (Afcon) ekuqaleni konyaka, inhlangano eyengamele ezebhola, iTunisia Football Federation, iqome ukumkhomba indlela umqeqeshi, uMondher Kebaier, indawo yakhe yathathwa nguJalel Kadri obeyiphini lakhe.
Kusukela lapho leli lizwe likwazile ukushaya iMali kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoMashi, linqoba ngo-1-0 uma kuhlanganiswa imilenze yomibili. Liphinde ladlala kwiKirin Cup, lahlula iChile neJapan kodwa lisanda kuthola isibhaxu sika-5-1 kwiBrazil.
Bekubanjwe umoya ngokuthi izodlala yini kwiNdebe yoMhlaba ngemuva kokuthi iFifa iveze ukuthi kungenzeka iTunisia ikhishwe kulo mqhudelwano ngenxa yokugxambukela kukahulumeni ezindabeni zebhola. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi ungqongqoshe wezemidlalo wakhona, uKamel Deguiche, ekhiphe isitatimende ehlongoza ukuhlakaza izinhlangano ezithile zezemidlalo.
Nokho kubukeka sengathi udaba seluxazululiwe njengoba iCarthage Eagles ibe ngelinye lamaqembu ambalwa akhiphe izikwati zawo ngosuku lomnqamulajuqu izolo.
*Iqembu leTunisia
Onozinti: Aymen Dahmen, Mouez Hassen, Aymen Mathlouthi, Bechir Ben Said.
Izitobha: Mohamed Drager, Wajdi Kechrida, Bilel Ifa, Montassar Talbi, Dylan Bronn, Yassine Meriah, Nader Ghandri, Ali Maaloul, Ali Abdi.
Abasesiswini: Ellyes Skhiri, Aissa Laidounhi, Ferjani Sassi, Ghailene Chaalali, Mohamed Ali Ben Romdhane, Hannibal Mejbri.
Abagadli: Saifeddine Jaziri, Naim Sliti, Taha Yassine Khenissi, Anis Ben Slimane, Issam Jebali, Wahbi Khazri, Youssef Msakni.
*Umdlali ogqamile: Ukaputeni uYoussef Msakni ube ngumdlali oqavile selokhu aqala ukudlalela iqembu lesizwe eneminyaka engu-19 kwi-Afcon yango-2010. Njengamanje udlalela i-Al Arabi yaseQatar lapho esaqhulula khona amagoli aphinde akhele nozakwabo amathuba.
Akadlalanga kwiNdebe yoMhlaba eRussia ngo-2018 ngenxa yokulimala futhi kucishe kwenzeka okufanayo nakulokhu njengoba esanda kulimala edlalela iqembu lakhe kodwa kubukeka sengathi uzokwazi ukuhola izwe lakhe eQatar.
Abanye abadlali okulindeleke ukuthi bagqame umdlali wasesiswini, u-Aissa Laidouni, kanjalo nabahlaselayo, u-Anis Ben Slimane noWahbi Khazri.
*Umlando kwiNdebe yoMhlaba: ITunisia isingene kulo mqhudelwano amahlandla amahlanu phambilini. Yaqala ukubamba iqhaza emqhudelwaneni owawuse-Argentina ngo-1978 kanti igcine ukungena kowakamuva obuseRussia. Kuleyo miqhudelwano yomibili ikwazile ukunqoba umdlalo owodwa.
Ngo-1998, 2002 nango-2006 yathola iphuzu emqhudelwaneni ngamunye. Ayikaze idlulele esigabeni somkhumulajezi.
*Amanye amaqembu akuGroup D: KuGroup D yilapho iFrance, ezobe evikela isicoco, izoqala khona umkhankaso wayo njengoba ibheke ukuba yiqembu lokuqala ukunqoba iNdebe yoMhlaba kulandelana selokhu iBrazil yakwenza ngo-1958 nango-1962.
Bazobe beshoda ngabadlali ababili abamqoka abalimele, uN’Golo Kante noPaul Pogba, kodwa banamafolosi abukhali, uKylian Mbappe noKarim Benzema, osanda kuwina umklomelo weBallon d’Or.
I-Australia izoletha isitayela esihlukile kuleli qoqo njengoba izobe idlala okwesithupha kwiNdebe yoMhlaba. Isadlule kanye esigabeni samaqoqo, okwenzeka eGermany ngo-2006.
Unozinti, uMathew Ryan, umdlali wasemuva, u-Aaron Mooy, nabadlali abaphambili, uMathew Leckie noGarang Koal, bazoba ukhiye emizameni yokulungisa lelo rekhodi kulo nyaka.
Elinye iqembu elikuGroup D yiDenmark, ezobe ibonakala okwesihlanu kwiNdebe yoMhlaba. Leli qembu selifinyelele kuLast 16 izikhawu ezintathu. Lenza kangcono eFrance ngo-1998 lapho langena khona kuma-quarterfinal.
Ukuze iTunisia idlulele esigabeni esilandelayo kuzodingeka ukuthi iwuqale kahle umqhudelwano uma isibhekene neDenmark bese ibheka ukuqoqa amaphuzu kwi-Australia ngaphambi kokudlala umdlalo wayo wokugcina wamaqoqo neFrance.