Mamelodi Sundowns (1) 1
SuperSport United (1) 1
IMAMELODI Sundowns ihlulekile ukuqhubeka nokuthela induku emaqenjini eDStv Premiership ngesikhathi ibanjwa yiSuperSport United kowabakhaya odlalwe ngoLwesibili ebusuku, eLoftus Verveld.
Nakuba isaqhwakele iSundowns kodwa ayizange iphumelele ukwandisa ngesibalo esiningi samaphuzu egebeni layo kulandela ukubanjelwa ekhaya iSuperSport.
Ngasohlangothini lomakhelwane bayo, iphuzu lisize ekutheni, basondele kwi-Orlando Pirates esendaweni yesibili. Bahlukaniswe yisibalo samagoli njengoba bebambene ngamaphuzu awu-33.
Isilomo seBafana Bafana, uTebogo Mokoena, uyena ovulele iSundowns inkundla ngoswidi wegoli ophendulwe eduze ngelikaBradley Grobler, lokulinganisa esiwombeni sokuqala.
Ngaphambi kokuqala kwalo mdlalo, bekunomuzwa wokuthi kukhona okungase kwenzeke ngenxa yokuthi iqembu eligcine ukuguqisa iSundowns koweligi iSuperSport ngo-Septhemba ka-2022.
Indlela iSundowns ewuqale ngayo umdlalo nokho ikhombise izimpawu zokuthi ayizimisele ngokuphindwa ileli qembu, likaGavin Hunt.
EzikaRhulani Mokwena, zikucacise zisuka ukuthi izona ezizolawula isivinini somdlalo kuyizona futhi ebezivakasha kaningi ngasebhokisini leSuperSport.
Yize bekunjalo kodwa ayikho iminyakazo ethusayo eyenzekile ngemizuzu yokuqala engu-25 ngasezintini zikaWashington Arubi ngaphandle kwe-freekick kaMatias Esquivel, edlule kancane phezu kwepali.
Ngomzuzu ka-30, uMokoena ujikijele udalimede weshodi elikhale ezintanjeni wasala ekhexile unozinti wezivakashi.
Akudlulanga imizuzu emingaki kwenzeke lokhu, waphendula uGrobler ngelakhe elihle alakhelwe, uLyle Lakay, ngomzuzu ka-34 kade kuyi-freekick.
Isiwombe sokuqala sisongwe zombili lezi zimbangi zaseTshwane, zichaya izandla kwazise iSundowns ibifuna iphenathi ithi kudlaliswe kabi uThembinkosi Lorch, kanti iSuperSport ibikhononda ngokukaGrobler ukuwiswa ebhokisini.
Kube iSundowns ebuya ngomfutho ofanayo kodwa njengakwesokuqala, ibigcina ngokuthusa kuphela okulandelwe izinguquko zinhlangothi zombili.
UGrobler akabange esabuya kwazise isiwombe sokuqala siphele ekhala ngehlombe. Indawo yakhe ithathwe uTerrence Dvukamanja.
ISundowns ifake uTashreeq Mathews, Peter Shalulile noSipho Mbule, ezindaweni zoLorch, Themba Zwane noGaston Sirino kwathi iSuperSport yakhipha, uShandre Campbell noTendamudzimu Matodzi, abese bekhombisa izimpawu zokukhathala.
UMokwena uphinde wengeza ngoThapelo Morena noJunior Mendieta.
Njengoba bekulindelekile, iSundowns ibilokhu ilizame njalo igoli lokuwina kwaze kwaba umdlalo uyaphela kungalungi.