ZAKHELE XABA
SuperSport United (1)1
Dondol Stars (0)2
ISUPERSPORT United izifake ehlazweni ikhishwa ngama-amesha iDondol Stars kwiNedbank Cup Last 32 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville ngoLwesithathu ebusuku.
ISuperSport ibekwe phambili nguSiyabonga Nhlapo esiwombeni sokuqala. Kodwa bakushintsha konke lokho uRelebogile Molefe noKholofelo Monama kwesesibili.
Ngokwehlula iSuperSport, iDondol edlala kwi-ABC Motsepe League yaseGauteng, ijoyine iMamelodi Sundowns ekhiphe iRichards Bay FC ngoLwesibili ebusuku.
Amanye amaqembu adlulele kwi-Last 16 yiMarumo Gallants eyehlule iMagesi neSekhukhune United eqede amathemba eLiver Brothers edlala kwi-ABC Motsepe League eMpumalanga.
ISuperSport iqale umdlalo ngesikimu esihlukile kunesijwayelekile kwazise iningi labajwayele ukuqala imidlalo kade bebukela nabalandeli.
Umqeqeshi uGavin Hunt wenze okungajwayelekile edlalisa uThamsanqa Gabuza emuva.
Ubeyibambe nokaputeni weqembu leDStv Diski Challenge uBilal Baloyi.
Njengoba bekulindelekile, iSuperSport ifake ingcindezi zibekwa kwiDondol.
Nokho kade ihluleka uma isifike phambili. Kugcine kulungile ngomzuzu ka-19 ngesikhathi uNhlapo engqofela phakathi ikhona kaJamie Webber.
IDondol izamile ukuthola igoli lokulinganisa kodwa yehluleka kodwa bekunzima nokufika ebhokisini laMatsatsantsa.
Unozinti weSuperSport, uRicardo Goss ubezipholele esiwombeni sokuqala.
Esiwombeni sesibili IDondol ibuye isiyiqembu elihlukile, isiphungwa ngezithebe.
Ngomzuzu ka-51 uMolefe uyishayele igoli emuva kwebhola eligotshwe kwesokunxele.
Emuva kwaleli goli, iDondol ibuyele wukuzethemba, yahlasela iphindelela.
Nokho iSuperSport ibiwathola amathuba kodwa enqaba uSiphamandla Gumede ezintini zeDondol.
Ngomzuzu ka-76 uMonama udonse ishodi engaphandle kwebhokisi, lashayisa kumdlali weSuperSport lamdida uGoss ezintini.