Mamelodi Sundowns (2) 3
Stellenbosch FC (0) 0
IZIBUYISE zaphelela izinduku iMamelodi Sundowns ngesikhathi inenebula iStellenbosch FC ngo-3-0 koweDStv Premiership obuseLoftus Versfeld, ngoLwesithathu.
Ngesikhathi la maqembu egcina ukubonana ngoMeyi koweligi, iStellies yavulela umpetshisi ofanayo eqenjini lasePitoli, ilishayela ekhaya.
Amagoli angcwabe iStellenbosch avalelwe uNeo Maema, Peter Shalulile noMarcello Allende waseChile, obedlala okokuqala kuleli.
AmaSandawana eze kulo mdlalo efuna amaphuzu aphelele njengoba ebelahle amabili emdlalweni wawo odlule weligi ngesikhathi ebambana ngo-1-1 neSekhukhune United ngempelasonto edlule.
IStellies ibinethemba lokuthi kukhona ezokuthola futhi kompetha ngemuva kokudlala ngokulingana ngo-1-1 nomakhelwane iCape Town City kodlule.
Iqembu lasekhaya lilibhajiswe ezintanjeni zibekwa ngesikhathi uMaema elibeka enethini ngomzuzu wesibili ngemuva kokuthi unozinti weStellenbosch, uSage Stephens, ehluleke ukubamba ibhola ebelishaywe nguGaston Sirino.
Izivakashi bezikuthola kunzima ukuphuma engxenyeni yazo yenkundla njengoba iSundowns ibizifakela ingcindezi njalo uma ziphethe ibhola.
Zilitholile ithuba ngomzuzu ka-12, ngesikhathi uSibongiseni Mthethwa ephakela uFawaaz Basadien kwesokunxele ebhokisini, kodwa ibhola lakhe laphebezwa ngunozinti uRonwen Williams.
Ngemuva kwemizuzu emine, uGaston Sirino uphume enkundleni esethwelwe ngohlaka ngenxa yokudonseka umsipha ongemuva kwethanga, indawo yakhe yathathwa nguThapelo Morena.
UStephens cishe walizwa ngendaba ibhola ebelishaywe uTeboho Mokoena ekude ngomzuzu ka-34, lagcina lishaye kwi-crossbar laphuma phezulu.
Kwale kancane ukuthi leli qembu eliqeqeshwa uSteve Barker ukuthi lithole igoli ngemuva kwemizuzu emihlanu. Ikhona kaBasadien ithole uJayden Adams, walingqomfela epalini.
Kuthe sekusele imizuzu emine kuyiwe ekhefini uShalulile wathola igoli lakhe lesine kule sizini. Ucishe ibhola ebelivela kuMorena, waphenduka, ngaphambi kokulinamathisela enethini.
AmaBrazilians akhombise ukuthi awagculisekile ngamagoli amabili awashaye esiwombeni sokuqala, kwadingeka ukuthi uStephens azilahle kwesokunxele ukuze avimbe ibhola ebelivela ekhanda likaRushine de Reuck ngomzuzu ka-54.
Womabili amaqembu enze inqwaba yezinguquko maphakathi kwesiwombe sesibili kodwa ushintsho olusebenze ngokushesha kube ngolweSundowns, umdlali wayo u-Allende, elibeka phakathi ngomzuzu ka-77 esanda kungena enkundleni.
Kucishe konakala kakhulu ngomzuzu ka-89, ngesikhathi uShalulile elivezela uMorena ngakwesokudla, wadonsa intambo ebibheke epalini, kodwa kulokhu yamthola ebhekile uStephens, umdlalo waphela ngo-3-0.
ISundowns engompetha beligi, isozozicijela ukulwela ukuvikela isococo seMTN 8 njengoba izodlala kuma-quarterfinal neSuperSport ngeSonto.
IStellies iyoze ibuyele enkundleni koweligi ngoSepthemba 3, izobhekana neRichards Bay FC.