NAKUBA iStellenbosch FC ne-TS Galaxy kungesiwona amaqembu iningi labantu ebelingawathipha ukuthi afinyelele kowamanqamu ngesikhathi kuqalwa iCarling Black Label Knockout ngo-Okthoba, la maqembu akwazile ukudlula ebunzimeni ngenxa yabadlali abathile abavelele kuwona.
IStellies neRockets bazotholana phezulu kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Ngenxa yabadlali ababoshelwe ila maqembu kulindeleke ukuthi kubonakale ibhola elithokozisayo. Uma ubheka uhlu lwawo womabili awanabo abadlali abangondabuzekwayo kangako kodwa bakhona asebeqalile ukuzakhela amagama ebholeni lakuleli ngenxa yohlobo lwebhola abalidlalayo.
Okuqhaphelekile wukuthi iStellies igabe ngabadlali abasebancane, iningi labo abaphuma enkulisa yayo. IGalaxy inabo abadlali abanamava kodwa abangakabi nenhlanhla yokunqoba izicoco.
n Abadlali okulindeleke ukuthi benze umehluko omkhulu kulo mdlalo:
Stellenbosch FC: Imidlalo yomkhumulajezi idinga amagoli nokuyinto eyenza u-Iqraam Rayners abe ngumdlali omqoka kwiStellies. Lo mgadli ongalibheki ipali useshaye amagoli amane kwiligi nelilodwa kulo mqhudelwano weCarling. Okumenza abe yiphela endlebeni ezitobheni isivinini sakhe nendlela akwazi ngayo ukuphuma isikhala kuzona zonke izinhlangothi.
UDevin Titus ngomunye umdlali iGalaxy okumele imqaphe njengoba ejwayele ukuxhumana kahle noRayners phambili. Yize nalo mdlali ojwayele ukugijima ngakwesokudla naye enalo ijubane, okumenza abe yingozi kakhulu wukuthi unawo nomjiko aphinde ashaye namagoli.
Umdlali owenza izinto zenzeke kwiStellies uJayden Adams, oyibamba esiswini. Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala, usebulale inqwaba yamaqembu kule sizini njengoba kunguyena ojwayele ukuqala iminyakazo yezikaSteve Barker. Ngenxa yokuthi uyakwazi ukudlala kwesokudla, kwesokunxele namaphakathi esiswini, futhi kuyenzeka agijime kuzona zonke lezi zindawo emdlalweni owodwa, izitha zigcina sezingazi ukuthi zizomvimba ngakuphi.
TS Galaxy: Kubalulekile ukuba nonozinti obamba ngisho impukane. IGalaxy ihlome ngonozinti uFiacre Ntwari, owayesethubeni lokuqokwa njengomdlali ovelele ngesikhathi idlula kuMaZulu FC kowandulela owamanqamu. Ngaphandle kokuvimba amabhola anzima emdlalweni, lo nozinti waseRwanda angaba wusizo eqenjini lakhe uma kwenzeka umdlalo ufika kumaphenathi.
Omunye umdlali oyingozi eqenjini likaSead Ramovic nguHigor Vidal okunguyena oxhumanisa abadlali basesiswini nalabo abasuke begijima phambili. Lo mdlali ufike kuleli ekuqaleni kwesizini engaziwa kodwa usekhombisile ngokushesha ukuthi unakho konke okulindeleke kubadlali abadabuka eBrazil.
Lo mdlalo wamanqamu uzophinde unike uSamir Nurkovic ithuba lokuthi athole isicoco sokuqala selokhu afika kuleli. Kuke kwabonakala sengathi sekuphelile ngalo mgadli waseSerbia, kulandela izinxushunxushu phakathi kwakhe neRoyal AM kodwa ubukeka eseqala ukubuyela ekubeni yilo mdlali ayenguye esahlohla amagoli kwiKaizer Chiefs. Yize engajwayele ukuyiqala imidlalo kodwa uma esengenile uyabonakala umehluko.