MTHOKOZISI MNCUSENI
I-STELLENBOSCH FC ilokhu iqhubekile nokukhumbuza iKaizer Chiefs ngobumqoka bokungaqhuzuki emjahweni wesicoco seDStv Diski Challenge (DDC) kulandela ukwehlula ngo 1-0 iMagesi FC emdlalweni wale ligi esiyela ngasekusongweni ngoMgqibelo, e-Idas Valley Sports Stadium, eStellenbosch.
IChiefs engakaze isidle isicoco seDDC, isethubeni lokukuqeda lokhu kulandela iwini yayo ka 2-0 kwiPolokwane City ngoMgqibelo, eDobsonville Stadium, eSoweto.
Le wini ibeka iChiefs esicongweni seDDC ngamaphuzu angu-48 okuyenza ibengcono ngephuzu kompetha bangesizini edlule, iStellies.
Nakuba iChiefs ibukeka isebuhleni kwazise isele ngomdlalo kwiStellenbosch kodwa ukuqhubeka kwaleli qembu laseKapa nefomu yakamuva kunciphisa uphawini waMakhosi wokuqhuzuka njengoba sekusele imidlalo engaphansi kwengu-10 ngaphambi kokusongwa kwesizini.
Indlela iChiefs edlala ngayo kulezi zinsuku ikhombisa ukuthi izimisele kulokhu ukwengeza phezu kweDDC Shield eyayidla ngoJulayi ka-2022.
Okufanele kukhuphule ukuzethemba kwabeChiefs kwiDDC wukuthi banenqwaba yabadlali okubunjwe ngabo izikwati ezimbili zaseNingizimu Afrika eziya emiqhudelwaneni emqoka ngaphambi kokusongwa kwesizini (DDC) ngoMeyi 3.
Lokhu kufanele kuzitolike ngokuthi kukhona okuhle abakubumbayo enkulisa yeChiefs kule sizini okwenza abaqeqeshi bamaqembu esizwe baqaphele abadlali.
Kusemqoka nokho ukukuqhakambisa ukuthi uVeli Khumalo opheka iChiefs kwiDDC, uyena ohamba nelika-U/17 njengoba uRaymond Madaka eqeqesha elika-U/20.
I-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-U/17 izobanjelwa eMorocco, kusukela ngoMashi 30 kuya ku-Ephreli 19. Umqhudelwano ofanayo kwabaneminyaka engaphansi kwengu-20, uzoba se-Ivory Coast kusukela ngo-Epreli 26 kuya kuMeyi 18.
Okuzosiza iChiefs wukuqhubeka nokuphebeza iStellenbosch ngamawini okuzoyinika ithuba elikahle lokuphefumula ngaphambi kokulahlekelwa abadlali abacela kwabangu-10 okuhlanganisa nomqeqeshi abazoya eMorocco nase-Ivory Coast ngokwahlukana.
Imiphumela yemidlalo yeDDC:
Stellenbosch FC 1-0 Magesi FC; Kaizer Chiefs 1-0 Polokwane City; Chippa United 3-3 Lamontville Golden Arrows
TS Galaxy 2-2 Marumo Gallants; Chippa United 0-1 Richards Bay FC; SuperSport United 2-4 Orlando Pirates; Mamelodi Sundowns 2-1 AmaZulu FC.