UKUVULEKA kwethuba elilinganayo kubadlali baMaZulu FC, lokuzifaka esikimini kulandela ukufika komqeqeshi omusha, uPablo Franco Martin, waseSpain, yikhona okuzokwenza ukuthi amaqhinga akhe asheshe abonakale ngoba bonke abadlali balwela ukuthatha iso lakhe.
Lena yindlela abona ngayo omunye wabadlali abadala kuMaZulu, uMbongeni Gumede, ayisho ngesikhathi echathazela Isolezwe ngasekubone kuCijimpi (isiteketiso somqeqeshi omusha waMaZulu), kula masonto amathathu edlule.
Usuthu olusinde ngemidlalo yokugcina ezembeni kwi-DStv Premiership ngesizini edlule, lulande lo mqeqeshi oseke wasebenza kwiReal Madrid ngenhloso yokuguqula lesi simo.
NgokukaGumede, indlela okusetshenzwa kanzima ngayo njengoba bezilungiselela ukuqala kwesizini, izokwenza ukuthi kuqambe kuqala isizini babe sebengelinye lamaqembu aqatha.
“Konke kuhamba ngokohlelo. Siya ngokuya siyamjwayela nomqeqeshi omusha kanjalo namaqhinga akhe aya ngokuya engena ekhanda,” kusho uGumede.
“Okuhle ngokufika komqeqeshi omusha wukuthi wonke umdlali okhona usethubeni elifanayo ngoba sonke sifuna ukuthatha iso lakhe.
“Lokhu kwenza nalokhu akutshela khona uzihluphe ngokusheshe ukufunde ukuze abone ngakho-ke ngingasho ukuthi okuningi kuyalunga kanti okunye kuyaziqondanela.
“Sekusicacele sonke ukuthi umqeqeshi omusha ufunani ngakho-ke uyasha umsebenzi. Sekungamasonto amathathu efikile, ngingasho ukuthi kuyakhanya futhi kuyabonakala lapho siya khona.”
Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala, oke wagijima kwi-Orlando Pirates, ucacise nangendlela yokudlala engalindeleka kuMaZulu ngaphansi kwesandla sikaMartin.
“Uma ulazi ibhola elidlalwa eSpain, uMartin ukholelwa kulona kakhulu ngakho-ke ngingasho ukuthi lizobekwa phansi lidle utshani.
“Okuhlukile ngaye wukuthi yize ethanda libekwe phansi ibhola kodwa ukholelwa ekutheni kufanele kusetshenzwe ukuthi kuzoba lula ukwenza lokho.
“Uthanda ibhola elisheshayo nokuthi abadlali bavele ezikhaleni ngaso sonke isikhathi uma ibhola lingekho kubona.
“Ngeke ulithole ithuba lokuma ndawonye uma kudlalwa ngendlela yakhe. Siyakujwayela konke lokho futhi siyakuthokozela ngoba isikhathi esiningi sisebenza ngebhola.
“Indlela esijima ngayo angingabazi ukuthi kuyothi kuqambe kuqala isizini sibe singelinye lamaqembu aqatha ukuwedlula wonke,” kuphetha uGumede sakuncokola.
Amaqhinga kaMartin azobonakala ngempelasonto lapho Usuthu seluyibambe kwi-KZN Premier’s Cup. AmaZulu aqhathwe neRoyal AM kwi-quarterfinal yokuqala engoMgqibelo ngo-9 ekuseni eSugar Ray Xulu Stadium.