ISILOMO saMaZulu FC, uGeorge Maluleka, asikungabazi ukuthi bangadlulela kalula esigabeni esilandelayo seNedbank Cup, inqobo nje uma bengeke bayithathe kancane iDondol Stars ngoba bebuswa yiligi edlala kuyona.
UMaluleka ukusho lokhu izolo ekuseni ekhuluma nethimba labezindaba loSuthu lapho ebesika khona elijikayo ngamalungiselo abo okubhekana neDondol namuhla ngo-7.30 ebusuku eTshwane University of Technology (TUT).
Ngenxa yeziteleka eziqhubekayo emanyuvesi athile, lo mdlalo usuzodlalelwa eFNB Stadium, eGoli khona namuhla, ngesikhathi esifanayo.
IDondol ezihola phambili kwi-ABC Motsepe League eGauteng, izokwamukela Usuthu ihambela phezulu kwazise kule sizini yiyona ezifake emlandweni webhola laseNingizimu Afrika, ngokukhipha iqembu elidlala kwiDStv Premiership, iSuperSport United kwi-last 32 yalo mqhudelwano.
Yize uMaluleka, ebazi ubuhlungu bokuwashiswa ijezi yiqembu elingenamlando kwiNedbank, ekuhlonipha okwenziwe yiDondol kwiSuperSport kodwa akakholwa wukuthi ingakwenza nakubona.
“Konke kulele kithina singabadlali okufanele kube yithina esihlonipha iDondol ngenxa yebanga esilihambile kwiNedbank, kodwa okusemqoka kunakho konke wukuthi siqinisekise ukuthi yithina esizodlulela phambili uma kuphela umdlalo.
“Ngeke babe yiqembu elilula njengoba sibonile nakwiSuperSport nasemifanekisweni yemidlalo yabo ebesiyibuka. Bayiqembu elingesabi ukudlala kodwa uma umdlalo sizoya kuwona ngengqondo ephelele kufanele sidlulele phambili noma kanjani.
“Siyaqonda ukuthi iNedbank ihlelelwe vele ukunika amaqembu athathwa njengamancane ithuba kodwa kufanele sikhombise ukuthi yithina esidlala esigabeni esikhulu.
“Bayiqembu eliya kulo mdlalo ngaphandle kokwesaba kodwa ngiyaphinda ngithi uma AmaZulu enza okufanele akwenze, angiyiboni iDondol isikhipha kulo mqhudelwano.”
Lo mdlali odlale kwiKaizer Chiefs iminyaka, uthe umdlalo neDondol ufike kahle behambela phezulu.
“Bese siside isikhathi singawini, ngakho-ke siya kwiDondol sinokuzethemba kwazise umphumela omuhle sibuye nawo ekuhambeni kwiChippa United njengoba sihamba futhi,” kusho uMaluleka.