KUVELA ukuthi iRichards Bay ayikasikhokheli namanje isikhulu soMsinga United imali yabadlali abathathu eyabathatha.
Kube injabulo ngesikhathi iBay isayinisa uNkululeko Miya, Thabani Mthembu noBandile Ndlovu.
Ibabone benza izimanga ngesikhathi uMsinga udlala emidlalweni kazwelonke yokuhlungela ukwenyukela kwiMotsepe Foundation Championship.
Le midlalo beyingoJuni, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. UMkhokhiseni Mpanza ongumnikazi woMsinga oteketiswa ngamaBhubesi, utshele Isolezwe ukuthi akasazi ukuthi enzenjani njengoba izikhulu zeBay zingasalubambi ucingo lwakhe.
Uthe kuze kube yimanje azikaze zimnike nesenti elimnyana ngokuthatha laba badlali.
Uveze ukuthi kwisivumelwano sabo abasisayina, kwavunyelwana ngokuthi ngoJulayi, iBay izokhokha uR400 000. Ezinyangeni ezilandelayo ikhokhe amanconzuncozu uR200 000 kuze kube iyaphelela imali obekuvunyelwene ngayo.
"Iyangiphoxa le nto eseyenziwa izikhulu zeBay. Kwakumnandi ngesikhathi sisayina zonke izinkontileka. Osekungiphatha kabi kakhulu ukuthi nezincingo zami azisabanjwa. Angikakatholi ngisho isenti ngalaba badlali," kubeka uMpanza.
Uveze ukuthi lesi simo sesimphoqe ukuthi lolu daba alufake kubameli bakhe.
"Mhlawumbe uma izikhulu zeBay sezithola izincwadi zabameli zizoyilungisa le nkinga. Ayiyinhle le nto eziyenzayo. Ngangijabule ngesikhathi abafana bami bethola amadlelo aluhlaza. Kodwa uma sekunje akusekuhle. Okwamanje abameli bami basacwaningisisa kahle lesi sivumelwano esasisayina.“
Ayiphumelelanga imizamo yokuthola ukuphawula kukaSifiso Biyela ongusihlalo wamaNatal Rich Boys. UJames Dlamini oyimenenja yeqembu ukuvumile ukuthi bayawukweleta Umsinga.
"Impela siyalazi icala lethu. Usihlalo wethu uyalulungisa udaba lokukhokhela umnikazi woMsinga imali yalaba badlali. Ayi ngoba sibaleka, kunezingqinamba ezisuke zaqhamuka," kubeka uDlamini.
Akawuvali umlomo uKaitano Tembo ocija amaNatal Rich Boys, ngebhola elihle elidlalwa yilaba badlali. Wake wacashunwa ethi indlela abahlakaniphe ngayo kungathi bake badlala esigabeni esikhulu. Wathi kuncane kakhulu okudinga ukulungiswa kubo.
UNdlovu oyibamba esiswini, usadlale emine yeligi nowodwa weCarling Black Label Knockout.
UMiya ogijima endaweni efanayo, usadlale emihlanu yeDStv Premiership nemibili yeCarling. UMthembu odlala ezinhlangothini, usagijime emibili nowodwa weCarling.