YISIPILIYONI sikaSimo Dladla seminyaka kwiMotsepe Foundation Championship, esenze usihlalo weVenda Football Academy washiya abanye abaqeqeshi walanda yena ukuzocija iqembu laseLimpopo.
Lo mqeqeshi waKwaZulu-Natal obechithwe Uthongathi emasontweni edlule, umsebenzi uwuqale ngesonto eledlule.
Bekungumdlalo wakhe wokuqala ngesikhathi iVenda ikwazi ukubamba ngo-0-0 i-University of Pretoria ebhaxabula kwasani kulezi zinsuku. UDladla ungene esikhundleni sikaMichael Loftman osule emasontweni edlule.
Yisizini yesikhombisa lo mqeqeshi eyibambe esigabeni asekuso.
Uke wathi qu kwiSwallows eyoba yisekela likaBrandon Truter kwiDStv Premiership ngesizini edlule.
Amanye amaqembu aseke wawacija yiReal Kings. Wuye uDladla owayinyusela kwiNational First Division (Motsepe Foundation) eminyakeni edlule.
Uke wayiqeqesha neRichards Bay isadlala kulesi sigaba. Esacija leli qembu ngo-2021, wawashisa iKaizer Chiefs ijezi kwiLast 32 Nedbank Cup.
UVho Muzhelele ongusihlalo weVenda uthe yinqwaba yabaqeqeshi ebifake izicelo zokucija iqembu lakhe.
Uveze ukuthi uma ezwa ukuthi uDladla akasekho kuThongathi, wajabulisa okwengane.
"Sizomeseka ngakho konke uDladla ukuze ezowenza ngokukhululeka umsebenzi wakhe. Ngichazwe kakhulu kuyena wukuhlakanipha nokuba nesipiliyoni kwakhe. Kuhle futhi ngoba useke waqeqesha nakwiPremiership," kubeka uMuzhelele.
Njengamanje iVhenda ilele ku-13 kwi-log ngamaphuzu ayisikhombisa, emidlalweni eyisishiyagalolunye. Isanqobe emibili kuphela, yadliwa kwemihlanu, yadlala ngokulingana kowodwa.
Nakuba kunje, uMuzhelele ukholelwa ekutheni maduze bazoba ngelinye lamaqembu azoba sembangweni wesicoco seligi.
"Yebo, kasiqalanga kahle kodwa izinto siyazilungisa. Kulesi sigaba esikusona kakukusizi ngalutho ukuqeda ubalwa namaqembu ayisishiyagalombili ephezulu. Kulwelwa ukwenyukela kwiPremiership. Nathi sizimisele ngokunyuka kule sizini. Kasithukile nakancane. Isemningi imidlalo. Sisazothola nethuba lokudlala nala maqembu aphezulu. Okunye wukuthi kawamaningi amaphuzu asihlukanisa namaqembu aphezulu," kuqhuba isikhulu.
Phezulu kwi-log sekuneHungry Lions ngamaphuzu awu-18. AmaTuks ahlele kweyesibili ngawu-16.
Ekugcineni kunePlatinum City Rovers nePretoria Callies ababambene ngamaphuzu amahlanu.
Imiphumela yayizolo yeMotsepe Foundation Championship:
Cape Town Spurs - La Masia; Polokwane City - TTM.