KUBHIMBE ekugcineni ngoMnuz Ray Moodley waseThekwini obekuvele ukuthi usengumnikazi weRoyal AM omusha.
Kujabule abaningi izolo ngesikhathi kuvela ukuthi iThwihli Thwahla izohlala esifundazweni iKwaZulu-Natal kwazise uMoodley, odume ngokuba nenkampani yonogada iRoyal Security namahhashi omjaho, uyisiqumama saseThekwini. Nokho kulalwe sekuvele ukuthi uMoodley uhluleke wancama ukukhokha imali obekuvunyelweni ngayo ezinsukwini ezintathu.
Bekubhide iGlobal Investments okuthiwa ngekaMoodley ngokuthi ithatha iRoyal AM ngo-R23 million, kepha yakhingceka ngenxa yokuthi "ibidumele umthamo ongaphezu kwayo."
I-South African Revenue Services (SARS) yiyo edayisa iqembu ukuze ithole u-R40 million ewukweletwa nguNksz Shauwn "MaMkhize" Mkhize. Kuthiwe omele iSARS usikaza ukuthathela izinyathelo zomthetho iGlobal Investment ngenxa yesidididi esidalekile nangezindleko asengene kuzo.
Ngaphezu kwalokho, kuthiwa uMoodley ubefuna ukuthi uMaMkhize abe yingxenye yeqembu. Ngenxa yalokhu, iSARS iqoke ukudlulela komunye obefake isicelo. Kubantu obekuvele ukuthi bebeyifuna i-AM, kukhona uDavid " Mazolman" Sikhosana owayekhulumela iSuperSport United nethimba laseFree State elifuna ukuvusa iBloemfontein Celtic elesekwa nguNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uGayton Mckenzie.
Ukuhamba kwesikhathi kungacaci ngobunikazi be-AM kufana iPremier Soccer League (PSL) obhukwini kwazise kumele iphele isizini yeBetway Premiership. Isadlale imidlalo engu-11 kule sizini, inamaphuzu ayisishiyagalombili futhi isemsileni we-log yePremiership. Sekuhlehliswe imidlalo yayo engaphezu kweyishumi. IPSL imise imidlalo ye-AM kulandela ukwehluleka kwabaphathi ukuletha incwadi eqinisekisa ukuthi izokwazi ukugcina imibandela yenkontileka okubalwa kuyona ukudlala yonke imidlalo.
Inyakanyaka iPSL ekuyo ngodaba lwe-AM, izothinta amaqembu amaningi okufanele iThwihli Thwahla idlale nawo nesikhathi iligi okufanele iphele ngaso. Ngokohlu lwePSL, imidlalo yePremiership yesizini ka-2024/2025 izosongwa ngoMeyi 24. Okwengeza ezinkingeni wukuthi le sizini iqale ngemuva kwesikhathi esijwayelekile ngenxa yabaxhasi, iBetway, abebedinga isikhathi sokuyilungiselela. Okunye okungagcina kubinda iPSL wukuthi amanye amaqembu asakweleta ukudlala ne-AM okuyi-Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns neStellenbosch, adlala kwiCaf Champions League neCaf Confederation Cup ngokwahlukana.
Okuhle nge-AM wukuthi uma iPSL inquma ukuthi ibuyela enkundleni ngokushesha, abadlali basesimweni kwazise bayaqhubeka nokuziqeqesha. Izolo, badlale owobungani neDitlou FC edlala kwiKZN ABC Motsepe League eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Omunye wabadlali be-AM, uthe batshelwe ukuthi bangakulaleli okushiwo ngeqembu ezinkundleni z okuxhumana kodwa balinde abaphathi.
"Asikatshelwa lutho ngokuzokwenzeka. Sagcina sitshelwe ukuthi iqembu lizodayiswa kodwa asilinde, konke sizokwaziswa ngesikhathi esifanele. Sidonswe ngendlebe ukuthi singakunaki okushiwo ezinkundleni zokuxhumana ngoba kuningi okungamanga. Nathi siyazibonela lokho ngoba kukhona abathi asiholile, siyavolontiya, kodwa siyazi ukuthi siyahola njalo ngenyanga nakuba kwesinye isikhathi sihola sekudlule isikhathi," kusho lo mdlali.
"Okwethu manje wukulinda, sizwe ukuthi kuzokwenzekani. Sinethemba lokuthi kuzolunga, siqhubeke nokudlala. Uma lokhu kungenzeki kuze kuqale inyanga entsha, sekuzoba nzima kakhulu ngoba isikhathi sesihambile. Ngaphandle kwalokho, kufanele bacacise ukuze sizoyofuna umsebenzi kwezinye izindawo."
Abazogcina bethole i-AM bamelwe wukukhokha zonke izikweletu zayo okukhona kuzona u-R12 million womgadli waseSerbia, uSamir Nurkovic.