KUBHEKWE ukuthi ukubuya kwenqwaba yabadlali abebeseqenjini lamaBhokobhoko, kwenze umehluko omkhulu kwiHollywoodbets Sharks esiphenduke ukudla kwenduku kowe-United Rugby Championship (URC).
Lokhu kushiwo yiphini lomqeqeshi weqembu uDave Williams, ngaphambi komdlalo wakusihlwa neDragons yaseWales ozoqala ngo-7.05 ebusuku eHollywoodbets Kings Park.
Leli qembu libuye phesheya liphelile yinduku lapho lishaywe ngamaqembu aqinile ase-Ireland, iMunster neLeinster. Lize lakhala ngaphansi nakwi-Ospreys yaseWales, neZebre yase-Italy, okungamaqembu elijwayele ukuzenzela kuwona. NgoMgqibelo lihlulwe ekhaya yiConnacht yase-Ireland, ngo 13-12.
Kubuye ithemba kubalandeli beqembu phakathi nesonto ngesikhathi lifaka isithombe sabadlali abebeseqenjini lesizwe elivikele iNdebe yoMhlaba eFrance ngenyanga edlule. Laqinisekisa ukuthi bonke sebeqalile ukuzilolonga, ngaphandle kukaBongi Mbonambi, noVincent Koch abalimele.
Ithemba liphenduke injabulo izolo ekuseni ngesikhathi kuqinisekiswa ukuthi abadlali bazoba yingxenye yeqembu elizobhekana neDragons.
U-Eben Etzebeth uzoqala kwi-lock, uJaden Hendrikse kwi-scrumhalf, uMakazole Mapimpi ophikweni. ULukhanyo Am oqale ukudlala ngeledlule, uzogijima maphakathi aphinde ahole iqembu. Isikhondlakhondla u-Ox Nche, noGrant Williams, ogijima kwi-flyhalf nakwezinye izindawo emuva, bazoqala ebhentshini.
“Isijabulise sonke impumelelo yabadlali beHollywoodbets Sharks ababuya eNdebeni yoMhlaba. Balethe umfutho omkhulu, okuyinto esho lukhulu eqenjini. Ukubuya kwabadlali nokuzethemba abakulethayo kukapakele eqenjini lonke futhi liwubheke ngabomvu umdlalo wangoMgqibelo,” usho kanje uWilliams.
“Sinezinhlelo esiphezu kwazo okusazothatha isikhathi eside ukuthi zisebenze ngokuphelele kodwa esigxile kukhona njengamanje ukusebenzisa amathuba esiwakhayo. Inhloso yethu wukufaka izitha ingcindezi ngokugcina ibhola. Sifuna ukuvuna izithelo ezinhle, sithole amaphuzu ngokudlala umbhoxo omuhle”
Ngaphandle kukaMbonambi noKoch, iSharks kunenqwaba yabanye abadlali abalimele futhi abamqoka njengoDylan Richardson, Gerbrandt Grobler, Hyron Andrews, Kerron van Vuuren, Muller du Plessis, Reniel Hugo, Vincent Tshituka nabanye, nokungenye yezinto ezibe nomthelela ekutheni leli qembu liqale lo mqhudelwano ngegiya eliphansi.
Iqembu leHollywoodbets Sharks elizobhekana neDragons
Abazoqala: 1.Ntuthuko Mchunu, 2. Fez Mbatha, 3.Coenie Oosthuizen, 4. Eben Etzebeth, 5. Emile van Heerden, 6. James Venter, 7. Phepsi Buthelezi, 8. Sikhumbuzo Notshe, 9. Jaden Hendrikse, 10. Curwin Bosch, 11. Makazole Mapimpi, 12. Francois Venter, 13. Lukhanyo Am, 14. Werner Kok, 15. Aphelele Fassi.
Abasebhentshini: 16. Daniel Jooste, 17. Ox Nche, 18. Hanro Jacobs, 19. Corne’ Rahl, 20. Lappies Labuschagne, 21. Grant Williams, 22. Boeta Chamberlain, 23. Rohan Janse van Rensburg.