Senegal (1) 3
Cameroon (0) 1
ISENEGAL izibekisele indawo emzuliswaneni weLast 16 we-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast ngemuva kokubhaxabula iCameroon emdlalweni kaGroup C, eCharles Konan Banny Stadium, eYammossoukro, ngoLwesihlanu ebusuku.
ISenegal engompetha abavikela isicoco se-Afcon, isiqalile ukukhombisa izimpawu zokungasinisi mahleza ngezinhloso zayo zokusivikela lesi sicoco, kwazise beyize koweCameroon ithelwe ngezibonkolo kulandela ukunenebula iGambia ngo 3-0 kowokuvula.
Empeleni iLions of Teranga yiyona ebiphezulu ngomdlalo kusukela ngesiwombe sokuqala kwaba ngesifanayo nasesiwombeni sesibili, nokuyilapho khona ebikhombisa ukuyidla luhlaza eCameroon, nokho ekhombise ukuvuka emaqandeni ngemizuzu yokugcina.
Ukuhlasela zisuka kweSenegal kube nomvuzo ngenkathi u-Ismaila Sarr evalela phakathi igoli ngomzuzu ka-16 umdlalo uqalile, okwenze zaya ekhefini iSenegal ihamba phambili ngo 1-0.
Ngesiwombe sesibili iSenegal iqhubeke lapho ebigcine khona ngesiwombe sesibili, ihlasela ngamandla, nokuthe ngomzuzu ka-71 yathola igoli lesibili elivalelwe phakathi wuHabib Diallo othole ibhola engamakwe muntu ngemuva kwebhola ebeligotshwe wu-Ismaila Sarr.
Ukuvuka emaqandeni kwe-Indominatable Lions kugcine kuyihlomulise ngelokubika ekhaya ngomzuzu ka-83 ngesikhathi uJean-Charles Castelleto engqomfela phakathi ngekhanda ibhola ebeligotshwe wuDarli Yongwa.
Ubuthaka bodonga lwasemuva lwe-Indominatable Lions buphinde bahlala obala ngesikhathi umgadli nesihlabani seLions of Teranga, uSadio Mane eshayela isipikili sokugcina ngomzuzu ka-95.
Lo mphumela ufake iLions of Teranga emzuliswaneni weLast 16 njengoba isinamaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili yize isazodlala neGuinea ngoLwesibili kowokugcina wesigaba samaqoqo.
Ngakolunye uhlangothi kumnyama ebusweni benkawu kwi-Indominatable Lions esacoshe iphuzu elilodwa futhi engakakhombisi nhlobo ukuba yiqembu elingahamba ibanga elide kulo mqhudelwano. ICameroon kuzodingeka iwunqobe kumnyama kubomvu umdlalo wayo wokugcina wesigaba samaqoqo neGambia ngoLwesibili ukuze izozibeka ethubeni lokudlulela kwiLast 16.