SITHEMBISO MKHIZE
ISIKHULU esiphezulu seRoyal AM, uSinky Mnisi, sithi kabafuni nokuzihlupha ngokuthi isinqumo sePremier Soccer League (PSL) sizovuna bani ngoba bayazi ukuthi yibo izingqwele zeGladAfrica Championship.
Umpetha weGladAfrica uthola igunya lokudlala kwiDStv Premiership.
NgeSonto, amaqembu adlala kulesi sigaba aqede imidlalo yeligi kodwa kwangababikho elinikwa inkomishi yokuba ompetha. Lokhu kudalwe icala elisezithebeni zePSL.
Indaba isuke ngecala elithinta iSekhukhune eyamangalela iPolokwane City ngokungadlalisi abadlali abahlanu abangaphansi kweminyaka engu-23. Lo mdlalo wanqotshwa yiCity ngo 1-0.
IDispute Resolution Chamber (DRC) yePSL yalahla iCity ngecala, yase iyiphuca amaphuzu amathathu. Nokho iSekhukhune yasidlulisela kumehluleli lesi sinqumo ngoba inganeme ngaso. Umehluleli weSafa, usiguqulile wanikeza iSekhukhune umdlalo ngo 3-0.
Lokhu kugcine kuholele ekutheni iPSL ithi izosicubungula isinqumo sikamehluleli kodwa imidlalo yokusongwa ayiqhubeke njengoba kwenzekile ngeSonto. Isiphelile iPSL ikhiphe isitatimende esithi isatshiswa ngamaphepha enkantolo ngalolu daba futhi iyalusebenza, izokhipha isinqumo maduze.
Ukungaphumi kwesinqumo ngokushesha kushiye ukudideka ngokuthi ubani umpetha phakathi kweRoyal esonge ngamaphuzu awu-51 neSekhukhune esilele isibili ngawu-50. Emdlalweni wokugcina iRoyal ibambane ngo-1-1 neCape Town All Stars kwathi iSekhukhune sadlula ngo-3-1 kwiJDR. La maphuzu, ami kanjena uma engafakiwe lawa amathathu umehluleli awanika iSekhukhune, angaphendula izinto uma iPSL igcina ngokuvumelana nomehluleli.
Ngemuva kwemidlalo womabili amaqembu abonakale ekubhiyozela ngokwehlukana, ukuba ngompetha egqize ngemifaniswano ebhalwe ukuthi 2020/2021 Champions.
UMnisi uthe indaba yecala akafuni ukuphawula ngayo ngoba banqobe isicoco seligi kubuka wonke umuntu. Indaba yabantu abafuna ukunqoba iligi ematafuleni akayingeni.
"Abantu kabavume ukuthi uMaMkhize (Shauwn), ewumuntu wesifazane, uwashaye emakhanda amadoda. Mina sengiqale amalungiselelo esizini ezayo, sizobe sidlala kwiDStv Premiership njengoba ngasho ngesikhathi ngiqashwa kwiRoyal. Okokuthi sizokwenza njani uma isinqumo sePSL singasivuni, yinto esingayibekile emiqondweni. Hamba uyobheka i-log, sinaphuzu awu-51, iSekhukhune sinawu-50. Ngasho ngathi kasiyi kweyokuhlunga. Sizongena sigijima esigabeni esiphezulu. Ngiyawubongela umphakathi waKwaZulu-Natal. Awungaphucwa injabulo yawo,“ kusho uMnisi.
Imenenja yeSekhukhune, uLuxolo Matikinca, ithe bazophawula ngalolu daba uma sekuphume isinqumo.
"Ungixolele mfowethu, ngeke ngikwazi ukuphawula kwabezindaba njengoba udaba lusezithebeni zePSL. Okokuthi sizokwenzanjani uma isinqumo sePSL sisivuna noma cha sizobhunga ngakho uma sekucace konke,“ kusho uMatikinca.
Emcimbini weRoyal obuseMax's Lifestyle, eMlaza, eThekwini, uShauwn uthe akathandi ukuphawula ebuzwa ngezinyathelo azozithatha uma kwenzeka isinqumo sePSL singabavuni.
"Okwamanje kuhle ngizithulele. Usibonile isitatimende esikhishwe iPSL, asizange sicacise okuningi. Ngaleyo ndlela ngeke kube kuhle ukuphawula kwami. Engigxile kuko njengamanje ukuthi singompetha beligi, sifisa ukuthi kuqhubeke kanje. Kuye kwangiphoqa ukuthi ngithenge izindondo njengoba iPSL ibingeke ilethe ezayo nenkomishi. Lezi zindondo ngizithengele ukujabulisa abadlali bami, basebenzile,“ kusho uShauwn.
Iqembu eliqeda endaweni yesibili kwi-log yeGladAfrica lidlala eyokuhlunga nelilele isithathu kulesi sigaba, nelizoqeda endaweni ka-15 kwiDStv Premiership. IRichards Bay iqede endaweni yesithathu ngamaphuzu awu-49. Imidlalo yokuhlunga kulindeleke ukuthi iqale ngoJuni 6.