KUVELA ezithi iRichards Bay FC izomemezela abaxhasi, okuzohambisana nokwethulwa kwabadlali abasha leli qembu elisanda kubasayinisa njengoba lilungiselela ukuqala kwesizini ezokwethwasa ka-2024/25 yeDStv Premiership.
Lokhu kuhlaluke engxoxweni usihlalo waleli qembu, uSifiso “Jomo” Biyela, abe nayo nomsakazo weSABC, Ukhozi FM, ngoLwesine ebusuku lapho eveze khona ukuthi leli qembu lizokwethula abaxhasi abasha ngesonto elizayo abazoba yingxenye yeqembu iminyaka emithathu.
Kwenzeka lokhu nje ngasekupheleni kwesizini edlule ka-2023/24 kuke kwasabalala amahemuhemu okuthi uBiyela usikaza ukulifaka endalini leli qembu ngenxa yenselelo yokugqobhoka kwephakethe okubangelwa yikho ukungabi nabo abaxhasi.
Nokho ngemuva kokuba leli qembu liphumelele ukubuyela kwiPremiership ngokunqoba imidlalo yamaPSL Promotion Play-Offs ngenyanga edlule, lapho belibhekene khona namaqembu eMotspe Foundation Championship, uBiyela ukucacisile ukuthi leli qembu aliyi ndawo.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi sinabaxhasi esizobamemezela maduze nje. Ngicabanga ukuthi uma kungekho okuzophazamisa, nakanjani ngokuphela kwesonto elizayo sizobe sesibamemezele abaxhasi bethu abasha. Ngizwa kwehle umthwalo emahlombe ami (ngenxa yabaxhasi),” kusho uBiyela.
Kuvela elabaxhasi nje, leli qembu lisanda kwelula inkontileka yomqeqeshi, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, obejoyine leli qembu maphakathi nesizini edlule ngenhloso yokuzolitakula ezembeni, okungumsebenzi agcine ewenze ngempumelelo.
Aligcinanga lapho njengoba liphinde laqeda ukuqagela ngokwelula inkontileka kanozinti, uSalim Magoola, ogixabezwe ngenkontileka yeminyaka emithathu. Ngaphambi kwalokho kusabalele amahlebezi okuthi ufunwa uthuli ngamanye amaqembu aseGauteng.
Kulo leli sonto kuphinde kwavela nezithi leli qembu selisayinise obengumdlali wasesiswini, uSiyethemba Sithebe, nesitobha esisuka kwiSupersport United, uKeegan Allan, nakuba lingakamemezeli ngokusemthethweni.